Owesilisa nowesifazane baboshwe epulazini okutholakale kulo inqwaba yensangu nezibhamu ezimbili

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amaphoyisa abophe indoda eneminyaka engu-59 ubudala kanye nowesifazane oneminyaka engu-49 ubudala eWestern Cape ngemuva kokuthola indawo okutshalwe kuyo insangu.

Insangu kuthiwa ilinganiselwa ku-R30-million.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe abaseshi bophiko lobugebengu obuhleliwe esifundazweni kanye neSAPS yaseFiladelphia bebebukela izigameko ezisolisayo epulazini elisePhiladelphia.

“Bagasela kule ndawo ngomhlaka-25 kuNtulikazi. Ngesikhathi besesha bathola izitshalo zensangu, insangu egxotshiwe, izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni, izinhlamvu nemali,” kusho uSwartbooi.

Owesilisa nowesifazane ababekhona ngesikhathi kuseshwa abakwazanga ukuchaza noma ukunikeza ilayisensi yokuba nensangu.

“Uma sebethweswe amacala, abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Atlantis ngokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni,” kusho uSwartbooi.

UXoliswa Rala (45) uncome umsebenzi wamaphoyisa.

“ISAPS ibonakala ishaqa izidakamizwa eziningi. Kuhle ngoba izidakamizwa zidala ubugebengu obuningi ezindaweni zethu. Izingane ezingenacala seziphenduke izigebengu ngenxa yezidakamizwa,” kusho uRala.

Isithombe esingenhla: Abaseshi bobugebengu obuhleliwe eWestern Cape bashaqe insangu elinganiselwa ku-R30-million, izibhamu kanye nemali.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva