Owesilisa nethemba lokuthola umkakhe owaduka ngezibhelu zokutapa 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UPhuti Caiphus Moremi ufike e-Tembisa Plaza ngoLwesithathu ngethemba lokuthi uzothola izimpendulo.

Unkosikazi wakhe uKgabo Thabitha Moremi wahamba ekhaya ngomhlaka-13 kuNtulikazi ngo-2021 ngesikhathi sezibhelu. Watshela uPhuti nezingane zabo ezine ukuthi uyohlanganyela nabanye abaphangi e-Plaza. Kodwa akakaze abonakale kusukela lapho.

Ngalolo suku kwashona abantu abangu-13 ngesikhathi kuqhuma isilinda yegesi. Lokhu kuqhuma kwathungela umlilo owasabalala ezakhiweni eziningi. Abanye abantu bavaleleka esitolo sakwa-Shoprite basha bangqongqa. Abayisikhombisa kwabashonile abakaze batholakale.

Emi ngaphandle kwamasango enxanxathela yezitolo ngoLwesithathu, uPhuti utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uyazi ukuthi unkosikazi wakhe ukhona lapho ngaphakathi.

“Sengiyihambe yonke indawo,” esho.

“Ngike ngaya ezitokisini zamaphoyisa, emajele kanye nasemakhazeni. Sengike ngaya ezangomeni nakubaphrofethi ngizama ukuthungatha nokuthola umkami kwangaphumelela. Yonke imininingwane ingikhomba ngaphakathi esitolo njengoba kuke kwabikwa ngezinsalela zabantu abatholakale khona.”

UPhuti ubebukela ngesikhathi izikhulu zingena ziphuma esikhungweni usuku lonke ngoLwesithathu njengoba zicinga zizimisele ngokuthola izisulu ezilahlekile. Cishe ngehora lesithathu ntambama kutholakale izinsalela zomuntu; uhlaka lwamathambo olucishe luphelele.

UPhuti utshele i-Scrolla.Africa ukuthi unethemba lokuthi izinsalela zikankosikazi wakhe.

Uthe nakuba engeke akwazi ukubona ukuthi ungubani, kodwa akufunayo ukuthi iziphathimandla zisize ekuhlonzeni amathambo akhe ukuze akwazi ukumngcwaba bese evala lesi sahluko esibuhlungu.

“Lesi kube isikhathi esinzima kakhulu empilweni yami. Bengenza imisebenzi engajwayelekile kodwa manje angisakwazi njengoba sekumele ngigade izingane.

“Ngiyazi ukuthi uphakathi kwabantu abashona ngesikhathi kuqhuma igesi. Ngifuna ukumenzela umngcwabo ohloniphekile,” esho.

Ngemuva kokuzwa izindaba zokuthi izitolo zisezinhlelweni zokuhlanzwa, uye wajabula ngethemba lokuthi “uzohlangana” nomkakhe.

Ngesikhathi amathambo esuswa endaweni, uPhuti uye wakhala.

Enye indoda ekhathazekile elinde unkosikazi wayo uCremildo Rodrigues.

URodrigues uthe unkosikazi wakhe amthandayo uSilvia Rodrigues wahamba ekhaya nomakhelwane wakhe belibangise enxanxatheleni yezitolo nesixuku sabaphangi.

“Ngiyavuma ukuthi abakwenzile kwakungalungile futhi kuwubugebengu. Labo bantu sebekhokhe kakhulu ngokusha baze bashone,” etshela i-Scrolla.Africa.

‘Ukube sikhona isihogo emhlabeni ngabe baya esihogweni ngecala labo lokweba.

“Engikufunayo manje ukungcwaba umama wezingane zami ezintathu ngesizotha.”

Kuze kube manje amaphoyisa asewatholile amathambo abantu abayisikhombisa. Imindeni ilinde ngethemba lokuthi abathandiweyo bayo bazotholakala kule mfucuza.

Cishe sekuphele iminyaka emibili abaphathi benxanxathela yezitolo bengakwazi ukuhlanza izitolo ezishile bethi le ndawo ayiphephile.

Ngokwemithombo ekhulume ne-Scrolla.Africa abaphathi benxanxathela yezitolo baphoqeleke ukuthi bakhuculule udoti ngoba le ndawo kumele  ibe ibhizinisi.

Esithombeni esingenhla: UPhuti Caiphus Moremi emi ngaphandle kwamasango e-Tembisa Plaza ngoLwesithathu ngethemba lokuthola izimpendulo.

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva