Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UYakheka Lisa wakhathala ukulinda ukuqashwa – ngakho wanquma ukuqala ibhizinisi lokugcoba izinwele zabesifazane ngo-R15 kuphela iseshini ngayinye.
Ngezinwele eziqondile noma ezinamagagasi uwoyela wehla ngomshini kalula. Kodwa kwabesifazane abamnyama abanezinwele ezigobile noma ezi-kinky kunzima ukuthi amafutha ahambe ngendlela.
Iningi labesifazane bafuna ukugcoba izinwele zabo ngamafutha kanye noma kabili ngesonto kodwa nansi ingxenye eyinkinga: abesifazane abaningi abamnyama abanaye umuntu ongafaka noma agcobe izinwele zabo njengoba bengakhululekile uma zigcotshwa yinoma ngubani.
Yilapho uLisa angena khona.
Umfundi oneziqu ze-Journalism and Media Technique ubone igebe futhi uye wanquma ukwenza umsebenzi wakhe ngemali efanelekile.
“Sekuphele amasonto amabili manje ngiqale lo msebenzi futhi ngithola amakhasimende,” esho.
“Nginqume ukuvimba ukugxekwa okungekuhle.”
ULisa wase-Ireland, eNcgobo e-Eastern Cape uthe useneminyaka enza lokhu kodadewabo nentombi yakhe.
Uthe uyaqonda ukuthi abantu abanayo imali ngakho ubiza u-R15 nje kuphela ngomsebenzi wakhe.
“Amakhasimende ami ngeke akhale ngomsebenzi omubi ngoba ngiyayazi into engiyenzayo,” kusho uLisa.
“Ukuthi kunendoda eyenza lo msebenzi akuthusi. Sinabesilisa abasebenza ezindaweni zokwenza izinwele. Umehluko nje ukuthi ngikwenza emgwaqeni.”
ULisa ukholelwa ekutheni abantu bazibekela umkhawulo.
“Banamakhono kodwa bayesaba ukuwaveza ngoba imisebenzi ethile ihambisana nobulili obuthile kodwa lokho kuwukucabanga okuyisidala,” esho
“Nginesihlalo semikhiqizo yami nesinye esamakhasimende ami. Ngemuva kokugcoba izinwele zabo ngisebenzisa ibhulashi elincane nekama ukuze ngilungise izinwele zabo.”
ULiziwe Nkuntsu (37) weseka ibhizinisi likaLisa. “Ngiyanqena ukuzenza izinwele futhi isoka lami lihlezi likhononda uma ngilicela. Manje angeke ngisamhlupha.”
Owesilisa (28) uthe uLisa ungumhlengi.
“Ngiyajabula ukukhokha masonto onke kunokuthi ngigcobe intombi yami izinwele. Ngiyakuzonda ukwenza lokho,” esho.
Esithombeni esingenhla: UYakela Lisa othweswe iziqu e-Eastern Cape usesungule ibhizinisi lokugcobisa abasifazane izinwele edolobheni laseNgcobo
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe