Lubhalwe nguKhaya Ndaba
UJoseph “Max” Kazembe usebhekane nezinhlobo ezehlukene zamasiko esimanje edolobheni laseGoli. Uphinde waba yingxenye yokusungulwa kwendawo i-Maboneng precinct okwamgqugquzela ukuthi asungule inkampani yakhe yezokuvakasha.
UMax odabuka e-Lusaka, e-Zambia ungumlandeli omkhulu wedolobha laseGoli namasiko alo.
Inkampani yakhe ibizwa nge-AureaCityTours. Kanti i-aurea ngolimi lwase-Portugal lisho “ukumbozwa ngegolide”.
Lo wesilisa oneminyaka engu-25 ubudala utshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Uthando lwakhe ngomlando nokuhamba kanye nenjabulo yokusebenza nabantu abasha njengami ikhona okungiholele ekutheni ngiqale inkampani yami.”
UMax wayehlala e-Jeppestown nomndeni wakhe ngaphambi kokuthuthela e-Observatory. Impilo yakhe ngaleso sikhathi yayimile futhi wayengakulindele ukucwaswa akubona eminyakeni eyalandela.
“Isikhathi esibuhlungu engingeke ngisikhohlwe ingesikhathi ngihamba ngebhayisikili nezithandani ezazivakashile e-Bertrams umshayeli owayephuzile wanquma ukumisa imoto yakhe wazama ukungihlasela ngenxa yokuthi sasihamba ngebhayisikili emgwaqeni.”
“Kodwa ngenhlanhla abantu bendawo babengazi ngenxa yokuhlangana njalo nami bangenelela badambisa isimo.”
Uthando ngomlando wendawo lwamenza wanqoba inzondo nokucwaswa.
Uthe ngesikhathi ethuthela ezindaweni ezifana ne-Bezuidenhout Valley, i-Kensington nase-Troyeville nomndeni wakhe kwaba ushintsho olukhulu empilweni yakhe.
Wahlangabezana nezinhlanga namasiko amaningi endaweni eyodwa.
Inhloso yenkampani yakhe ukukhuthaza abantu bendawo ukuthi baye edolobheni labo ukuze babone ubuhle bendawo ngamehlo abo.
“Abantu bafuna ukuya phesheya kwezilwandle uma bethola ithuba, bakhohlwe ubuhle bangempela basekhaya. Abantu bendawo nabo banqunyelwe ukuya ezweni labo, ”kusho uMax.
Uqale i-AureaCityTours ngoMandulo nyakenye, ngesikhathi esezibona ukuthi unolwazi olwanele wenze ucwaningo futhi ubephethe namanethiwekhi azomsiza ukuze aqale umsebenzi wakhe.
Uthemba ukuthi nge-AureaCityTours abantu bakuleli bazothola umuzwa wokwaneliseka, ukuzazi nokuzethemba uma bekhuluma ngokuziqhenya bethi bayalazi idolobha labo.
Isithombe esingenhla: UMax kolunye uhambo lwakhe lokuhamba ngezinyawo
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe