Owesilisa ebulala umama wengane yakhe naye wazilengisa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UPhelokazi Marerane (28) ubesekhaya elokishini laseNyanga ngesikhathi kufika owayeyisoka lakhe, uyise wengane yakhe okuthe ngemuva kwesikhashana wamuklinya ngesihluku wamugwaza washona.

Umfowabo kaMarerane ongathandanga ukudalulwa igama, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubaba wengane kadadewabo ucele indawo yokulala.

“Njengoba enguyise wengane akakwazanga ukumyeka azulazule endaweni ngoba kuyingozi,” usho kanje.

Kodwa ngemva kokungena endlini uqale ukulwa nesisulu.

“Angazi ukuthi yini ebibaxabanisa, kodwa ngicabanga ukuthi ubaba wengane ubefuna uthando udadewethu engakufuni lokho.

“Siyazi ukuthi baphumile egunjini lakhe ngoba simthole elele ngaphandle. Umklinyele egcekeni ngaphambi kokumnquma uqhoqhoqho wamgwaza endlebeni nasentanyeni,” kusho umfowabo.

Izindaba zokushona kukaMarerane ngehora lesithathu ekuseni ngoMsombuluko ngomhlaka-15 kuMbasa zisabalale ngokushesha, amalungu omphakathi aqala ukuthungatha umbulali.

NgoLwesibili bathole isidumbu somsolwa ezikhungile emjondolo.

“Asazi noma sizodlula kulokhu. Okubi kakhulu ukuthi umbulali wakhe ngeke akhokhele akwenzile ukuzibulala bekulula kakhulu. Ubezohlala ejele impilo yakhe yonke,” kusho umfowabo.

“UPhelokazi ubethembele kumatoho abewathola. Asazi ukuthi sizomngcwaba kanjani singabonga kakhulu uma singathola usizo.”

Kwesinye isigameko sokuhlukunyezwa kwabesifazane, kushone owesifazane ngemuva kokugwazwa ngumyeni wakhe emzini wakhe oseNdlovini, eKhayelitsha, ngoLwesihlanu.

Amalungu omphakathi athole isidumbu sesisuli sidindilize kugcwele igazi.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uKaputeni uFC Van Wyk ukuqinisekisile ukushona kukaMarerane nokubulawa kowesifazane eKhayelitsha, nokuthi amaphoyisa aphenya womabili amacala okubulala.

Okwamanje bekungakaboshwa muntu ngesigameko saseKhayelitsha, uphenyo lusaqhubeka.

Osesithombeni esingenhla: UPhelokazi Marerane.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva