Owesifazane wokuqala omnyama uqokwe njengoMphathi wakwa-Clicks

Dylan Bettencourt

Ngemuva kokusula kukaVikesh Ramsunder njengoMphathi wakwa-Clicks, isitolo esihamba phambili ngokudayisa izinto ezinempilo nezobuhle siqoke umphathi waso wesifazane wokuqala uBertina Engelbrecht ekuqokweni okungumlando.

U-Engelbrecht, ongummeli, ubenguMqondisi wale nkampani ku-Group Corporate Affairs futhi uzoqala umsebenzi wakhe omusha ngoMasingana ngowezi-2022.

Lesi senzo simenza abe ngowesifazane wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika ukuhola iqembu lezitolo ezisohlwini lwe-JSE.

U-Engelbrecht oneminyaka engama-58 ubudala unomlando wokuqokwa okuhlaba umxhwele. Phambilini ubephethe isikhundla sokuba yiMenenja-Jikelele kwa-Shell SA Energy, ubenguMqondisi we-Organisational Effectiveness kwa-Sea Harvest futhi uchithe cishe iminyaka eyishumi nenkampani yezokuthutha i-Transnet.

“I-Clicks Group isendleleni yokukhula okusimeme ngenxa yekhwalithi yethimba elinesipiliyoni nolwazi olunzulu,” kusho u-Engelbrecht.

“Ngikuthakasele ukuhola phambili leli qembu eliqinile kusukela ngoMasingana wonyaka ozayo,” esho.

UDavid Nurek, onguSihlalo we-Clicks Group uthe ukuqokwa kubafanele bobabili u-Engelbrecht no-Clicks.

“Ukuqoka ozongena esikhundleni ovela ngaphakathi osezingeni likaBertina kugqamisa ukujula kwethalente nokuzibophezela enguqukweni esimeme nasekuthuthukiseni abantu ngaphakathi enkampanini,” kusho uNurek.

URamsunder uthole omunye umsebenzi e-Australia. Ukushiya kwakhe iNingizimu Afrika kugcizelela umthelela ‘wokulahlekelwa abantu abaqeqeshiwe’ ezinkampanini zaseNingizimu Afrika njengoba esinye isikhulu esiphezulu sithatha ubuchwepheshe baso sibusa kwelinye izwe.

URamsunder uthe ushiya iNingizimu Afrika kanye ne-Clicks ngenhliziyo ebuhlungu.

“Kube yinhlonipho enkulu ukuhola i-Clicks Group nokuba yingxenye yebhizinisi elinamandla futhi eliguquke kangaka,” esho.

Umthombo wesithombe: @Bizcommunity

Izihloko zakamuva