Lubhalwe nguPalesa Matlala
UNgcobo waqala ibhizinisi lakhe lokuqashisa ngemuva kokuba abazali bakhe baye KwaZulu-Natal ngo-2021 futhi wayedinga imali ukuze aphile.
Wenza cishe u-R6,000 ngenyanga futhi uthola ephindwe kabili ngoNhlangulana lapho izivakashi zamazwe ngamazwe zivakashela isikhumbuzo sikaJuni 16.
UMangaliso Ngcobo (27) wayengenayo indlela yokuziphilisa ngesikhathi abazali bakhe asebekhulile bebuyela KwaZulu-Natal ngo-2021.
Wazama ukudayisa amawigi namakota kodwa wehluleka. Wabe esefikelwa wumqondo.
UNgcobo uhlala e-Orlando West, eVilakazi Street edonsa inqwaba yezivakashi zakuleli nezamazwe ngamazwe unyaka wonke. Izinombolo zezivakashi eziphakeme zamnikeza umqondo wokuqashisa igumbi lakhe elingemuva.
Useneminyaka emithathu eqashisa abalandeli bebhola, abahambela amakhonsathi kanye nezivakashi. Ubiza kusuka ku-R380 ngendawo yokuhlala kuphela futhi unikeza ibhulakufesi kwizivakashi ezisuke ziphethwe ibhabhalazi noma ezidinga isidlo sasekuseni.”
“Ama-B&B amaningi ayabiza eSoweto. Ngikhokhisa imali encane ukuze ngikwazi ukufaka wonke umuntu. Ngenyanga ngenza cishe u-R6 000,” kusho yena.
Ezinye izihambeli ziza zizofuna “isipiliyoni esigcwele saselokishini sokulala endlini engemuva”. Abanye babhukhela impelasonto ukuze bangahambela amadolobha aseduze ngemva kwemidlalo yebhola.
UNhlangulana inyanga yakhe ematasa kakhulu. Uzuza ngokuphindwe kabili iholo lakhe elijwayelekile njengoba izivakashi zakwamanye amazwe zivakashela elokishini ukuzogubha uJuni 16.
Lo nyaka uhlanganisa iminyaka engu-50 kwasuka izibhelu zaseSoweto. Ngomhlaka-16 kuNhlangulana ka-1976, abafundi bahola umbhikisho ophikisana nezinhlelo zikahulumeni zokufuna isiBhunu sibe ulimi lokufundisa ezikoleni zabafundi abamnyama.
Njengoba kunemicimbi eminingi, imigubho kanye nezikhumbuzo ezizokwenzeka eSoweto, uNgcobo uthe: “Ngizokwenza imali eningi ngithuthukise ibhizinisi lami.”
Esithombeni esingenhla: Igumbi likaMangaliso Ngcobo aqashisa ngalo.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
