Owesifazane waseMelika ubelethe amawele ashiyana ngonyaka

Arthur Greene

Owesifazane waseMelika ube sematheni emhlabeni kuleli sonto ngemuva kokubeletha amawele ashiyana ngonyaka, elilodwa libelethwe ngo-2021 kanti elinye ngo-2022.

UFatima Madrigal wabeletha ingane yomfana ngo-11.45pm e-Natividad Medical Center e-Salinas, e-California.

Ngemuva kwemizuzu engu-15, phakathi kwamabili, uFatima uphinde wabeletha intombazanyana, ogama layo ngu-Aylin.

“Kuyangixaka ukuthi bangamawele kodwa banezinsuku zokuzalwa ezihlukene,” esho. “Bengimangele kodwa futhi nginokujabula ukuthi usana lwami lufike phakathi kwamabili,” kusho uFatima etshela iphephabhuku i-People.

“I-Natividad yamukele u-Aylin Yolanda Trujillo njengengane yokuqala ezalwe ngo-2022 kule ndawo!” Kubhale isibhedlela ku-Twitter ngoMgqibelo.

“Iwele lakhe, u-Alfredo Antonio Trujillo, libelethwe sekusele imizuzu engu-15 ngo-11:45 pm ngoLwesihlanu ngomhlaka-31 kuZibandlela, okusho ukuthi izinsuku zabo zokuzalwa, izinyanga kanye nonyaka kuhlukene okuyinto engajwayelekile ukwenzeka.

Nakuba kungavamile, akuqali ukwenzeka. Amawele amabili nawo azalwa ngezikhathi ezihlukene abe nengxoxo ne-The Guardian.

UJake noJordan Wallman, nabo abavela eMelika bazalwa ngokulandelana ngo-1999 nango-2000.

“Abezindaba babesibiza ngokuthi singama-‘Millenium Twins’ futhi wonke umuntu wagcine esibiza kanjalo,”  kusho amawele.

Izihloko zakamuva