Owesifazane waseMelika ofunelwa ukubulala ubuza amaphoyisa ngemali yomvuzo yokutholakala kwakhe ku-Facebook

Arthur Greene

Ngenkathi amaphoyisa ase-Tulsa eMelika efaka izithombe ezimbalwa zikaLorraine Graves ekhasini labo ku-Facebook, babengalindelanga ukuthi uLorraine uqobo aphawule ngazo.

Amaphoyisa afake lezi zithombe njengengxenye yomkhankaso wabo “we-Weekly Most Wanted”. UGraves abegcwele amathafa ngezinsolo zokuba yinsiza ekubulaleni okwenzeka ngoNdasa.

“UMnyango Wamaphoyisa e-Tulsa ufuna imininingwane mayelana nokuthi uLorraine Graves ukuphi,” kufundeka lo mbhalo.

“ULorraine Graves ubhekene necala lokubulala. Abaseshi bathi wabandakanyeka ekubulaweni kweshumi kuleli dolobha ngonyaka wezi-2021, lapho u-Eric Graves adutshulwa wabulawa khona e-St Thomas Square Apartments.”

Ngaphansi kwalokhu okubhaliwe, uGraves uqobo uphendule wathi: “Iphi imali yomvuzo”.

Akumangazi ukuthi ukuphawula kukaLorraine kudonse amehlo kwezinye izivakashi zekhasi loMnyango Wamaphoyisa wase-Tulsa ekhasini le-Facebook.

Owesifazane, ogama lakhe linguJane Doe, ubhale waphendula wathi: “ntombazane kungcono usuke ezinkundleni zokuxhumana bangakuthola!!”

Isexwayiso sikaJane empeleni sibonakale silungile, njengoba uGraves kamuva aboshwa ngosuku olulandelayo.

Amaphoyisa akwazi ukulandelela ukuphawula, amthola emzini osenyakatho ne-Tulsa.

UGraves ubhekene necala lokusiza ekubulaleni kanti ibheyili yakhe ibekwe emalini eyizi- $ 500,000. Mhlawumbe angayibeka yini imali ethile yomvuzo kuyo?

Umthombo wesithombe: @TheRyanTShow

Izihloko zakamuva