Celani Sikhakhane
Owesifazane waseKZN usexabane nomfowabo isikhathi esingaphezu kweminyaka eyishumi ngenxa yesihlalo sobukhosi – kodwa akapheli mandla.
UThembi Maphumulo waseMbumbulu, eningizimu yeTheku utshele i-Scrolla.Africa ukuthi nguyena umuntu ofanelekile ukuba yiNduna yabakwaMaphumulo hhayi umfowabo, uNathi Maphumulo.
Ngesikhathi lolu daba luyiswa eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngowezi-2016 lwachithwa. Kule nyanga impi yakhe yobukhosi ichithwe yiNkantolo yoMthethosisekelo.
“Yimina oyiNduna yesizwe sakwaMaphumulo. Ngisho neSilo esikhotheme uZwelithini wayekwazi lokho. Anginaso isizathu sokuzingabaza,” esho.
“Ubukhosi abuyona impahla futhi akekho ongasebenzisa imali ukubuthola. Ngowe-1995 ngabekwa ngokwesiko ngakho-ke ngiyinduna yalesi sibongo.
Ukholelwa ekutheni umfowabo wadukiswa ngumyeni kaNgqongqoshe wase-KZN ukuphonsa inselelo ekuqokweni kwakhe.
“Kodwa yimina ozobizwa ngeNkosi yesizwe. Umfowethu ukwazi kahle lokho. Ngiyindodakazi yeNkosi uLubheleni, uMasikane, uDubandlela, uMashimane, uMangcingci noJeqe. Amathuna abo bonke alapha ekhaya,” esho.
Umfowabo uNathi Maphumulo uthe uzizwa evikelekile ngesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.
“Udadewethu uxoshwe yinkantolo ephakeme kunazo zonke emhlabeni, ngakho-ke ngingumuntu ofanele ukuba kulesi sikhundla. Angizange ngiziqoke kodwa umndeni wathatha isinqumo sokungiqoka. Into eyodwa engiyidingayo ukuthola abaholi besonto noma omunye ozosiza ukuthi sithelelane amanzi,” kusho uMaphumulo.
Uthe abakaze bahlangane nodadewabo ngemuva kwesinqumo soMthethosisekelo.