Owesifazane waseCongo upheka elabesilisa

Dylan Bettencourt

Njengoba ibhola labesifazane lidlondlobala emhlabeni wonke, uSalama Miruho Djasmine ushintsha ukwenza kwezinto ohlangothini lwabesilisa.

UDjasmine waba ngumqeqeshi wokuqala wesifazane ukuqeqesha iqembu lebhola lezinyawo labesilisa e-Democratic Republic of Congo ngesikhathi ethatha izintambo kuDaring Club Virunga.

Ibhola belilokhu liyingxenye yempilo kaDjasmine.

Ubaba wakhe wayengunompempe kanti abafowabo abahlanu bonke babejabulela ukudlala ibhola. Waba ngumdlali webhola ngaphambi kokuthatha isinqumo sokufundela ukuba ngumqeqeshi okhokhelwayo.

“Ngokuqeqeshwa engakuthola e-Kinshasa nokuthola i-Federal A Licence, ngize kwi-Daring Club Virunga ngizoqeqeshelwa umsebenzi,” kusho umqeqeshi etshela abe-Reuters.

“Ngize ekhempini yokuzilolonga. Kodwa ngesikhathi ngihlangana nabaqeqeshi bakudala kwacaca ukuthi izinto azihambi kahle. Nakuba ngangingumfundi, ngathatha izintambo. Selokhu ngaphatha iqembu kusukela lapho.”

Uthe ukuba ngowesifazane – obhekene nezithiyo ezinkulu kakhulu zokungena kulo mdlalo kunabesilisa – akukaze kumvimbe ukuba akhule kwezemidlalo.

“Azikho izinselelo engingazicabanga,” esho.

“Ngizizwa ngikahle kakhulu. Ngikhululekile,” esho.

Umdlali webhola weqembu i-Virunga uMelly Mongolare uthe ukusebenza noDjasmine kuyisibusiso.

“Ngicabanga ukuthi leli iqembu lokuqala eliqeqeshwa umqeqeshi wesifazane. Kuyinjabulo enkulu ukuzilolonga naye,” kusho lo mdlali.

UDjasmine uthe baziqeqesha kanzima futhi bazokwenza konke okusemandleni ukumela isifundazwe sase-North Kivu ngesizini ezayo.

“Nginabadlali abadlala kahle ngoba baqonda yonke into. Nginekhono futhi abadlali bami bakulungele ukumela isifundazwe nokudlala emqhudelwaneni ozayo,” esho.

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva