Ngemuva kokuthola isicoco sakhe sokuqala se-Women’s Tennis Association (WTA), uMarta Kostyuk wase-Ukraine wenqabile ukuxhawula imbangi yakhe yase-Russia uVarvara Gracheva.
Unikele ukunqoba kwakhe kubantu abalwela izwe labo e-Ukraine ngesikhathi lihlaselwa i-Russia.
Lo wesifazane wase-Ukraine unqobe kumasethi aqondile okungu-6-3, kanye no-7-5 e-Austin, e-Texas.
“Ukuba kulesi sikhundla engikuso njengamanje kubaluleke kakhulu ukunqoba lesi sicoco,” kusho uKostyuk.
Kowe-Australian Open, okuyi-Grand Slam yokuqala yonyaka, uKostyuk uthe ngeke axhawule noma iyiphi imbangi yakhe yase-Russia noma yase-Belarus.
Ngesikhathi se-US Open ngoLwezi nyakenye, uKostyuk wenqaba ukuxhawula umdlali wase-Belarus uVictoria Azarenka.
Ukunqoba eMelika kumqhudelwano we-WTA kungokokuqala kowase-Ukraine kusukela kwagcina u-Elina Svitolina ngo-2021.
Ukunqoba kukaKostyuk kumbeke kunombolo-40 kuhlu lwabesifazane abahamba phambili.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: UMarta Kostyuk
Umthombo wesithombe: WTA