Owesifazane wase-Phoenix oshaywe wacishe washona uthi ujabule ngokuthi usaphila

Lungani Zungu

UNobuhle Zitha ongenacala wayehamba ebuya emsebenzini ngesikhathi sezimpi zomphakathi ebezisanda kwenzeka e-Phoenix, eKZN ngesikhathi ehlaselwa – kodwa wasinda futhi uxoxele i-Scrolla.Africa ngesigameko sokuhlaselwa kwakhe.

Yize abaningi kubikwa ukuthi babulawa, uNobuhle wasinda ngokulambisa ngesikhathi iqulu labantu besilisa e-Phoenix, eduze kwamalokishi aKwaMashu naseNanda limushaya lamushiya ephuke umhlathi.

Sekuphele amasonto amabili le ntokazi yaseNanda eneminyaka engama-24 ihlaselwe ezigamekweni zase-Phoenix, lapho abahlali baseNdiya nabaMnyama belwa khona ngokobuhlanga, okuholele ekulahlekelweni yimiphefumulo.

“Ngangibuya emsebenzini ngesikhathi iqembu lamadoda lingihlasela,” kusho yena.

“Ngazama ukubatshela ukuthi ngibuya emsebenzini.”

Ngesikhathi enye yala madoda ikhuza ukuthi bayeke ukumshaya, uNobuhle wayesezinhlungwini ezinkulu. Kwakunzima ngisho nokuhamba futhi opha, kodwa wakwazi ukuxhuga amakhilomitha ayisikhombisa wafika ekhaya.

“Umzimba wami ubugcwele igazi. Kade ngizama ukuhambahamba, kodwa angikwazi ukunyakaza. Umzimba wami uyaqaqamba,” kusho uNobuhle.

Selokhu ahlaselwa uNobuhle ubelokhu elele embhedeni, futhi uthi usazoya esiteshini samaphoyisa ukuyovula icala.

Isibalo sabantu abashonile e-Phoenix asikacaci.

Uhulumeni uthe bangaphezulu kwe-128 abantu asebeshonile kanti uMuzi Hlengwa, ongumngcwabi osuka eThekwini, ubale ukuthi laba bantu abashonile bangaphezu kwama-300.

Bangaphezu kwama-20 abantu asebeboshiwe kulandela izigameko zokubulawa kwabantu e-Phoenix.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz uBheki Cele uthembise ukuthi kusazoboshwa abanye mayelana nokubulawa kwalaba bantu.

Izihloko zakamuva