Owesifazane wase-Cuba udalule ukuthi uMaradona ongasekho emhlabeni wamudlwengula

Dylan Bettencourt

Owesifazane wase-Cuba owayenobudlelwano noDiego Maradona ongasekho emhlabeni uthi lesi sihlabani sebhola “santshontsha ubuntwana bakhe ngokumdlwengula eneminyaka eyi-16.”

UMavys Alvarez wethule ubufakazi phambi komnyango wezobulungiswa wase-Argentina, ophenya izinsolo zokushushumbiswa kwabesifazane ezibhekiswe kwithimba langaphambilini likaMaradona.

Izinsolo zesisulu esineminyaka engama-37 ubudala zihlobene nohambo aluthatha e-Argentina ngonyaka wezi-2001. Eneminyaka eyi-16 nje kuphela, u-Alvarez uthi kulolu hambo yilapho amdlwengula khona ngesikhathi umama wakhe ekwelinye igumbi elilandelayo.

“Wangivala umlomo wangidlwengula, angifuni ukucabanga ngakho kakhulu. Ngayeka ukuba intombazane, ubumsulwa bami bonke bantshontshwa kimi. Kunzima. Uyayeka ukuphila izinto ezingenacala okufanele intombazane ekuleminyaka iyiphile,” kusho u-Alvarez esithangamini nabezindaba.

U-Alvarez esikhathini esidlule wayechaze ubudlelwano bakhe nalowo owake wawina indebe yomhlaba wonke ye-FIFA njengokuvumelana, kodwa wake washo ukuthi kunesikhathi lapho uMaradona ayeziphoqa khona kuye.

U-Alvarez wanezela ukuthi umndeni wakhe wamvumela ukuthi abe nobuhlobo noMaradona, naphezu kokukhathazeka kwegebe leminyaka engama-24, nangenxa yobuhlobo ayenabo umdlali webhola lezinyawo noMengameli wase-Cuba ngaleso sikhathi, uFidel Castro.

“Umndeni wami ubungeke ukwamukele ukube uhulumeni wase-Cuba akazange abambe iqhaza. Baphoqwa ngenye indlela ukuthi bamukele ubudlelwano obungebuhle kubona, noma kunoma ngubani,” kusho yena.

Iqembu lezomthetho likaMaradona noma uhulumeni wase-Cuba uphendule izinsolo zika-Alvarez ngokumelene nomdlali webhola lezinyawo, owashona ngemuva kokuhlaselwa isifo senhliziyo ngoLwezi ngonyaka wezi-2020.

U-Alvarez uthe bekunzima ukubuyela e-Argentina lapho umuntu owamlimaza kangaka eyiqhawe lesizwe.

“Kunzima ukuba sezweni lakhe, ukubona ukuthi ukuyo yonke indawo, uyisithixo futhi yonke into engiyikhumbulayo ngaye eyomuntu onezenzo ezimbi,” kuphetha yena.

Umthombo wesithombe: @California18

Izihloko zakamuva