Owesifazane wase-Afrika uwine eyegolide e-Spain

Razeen Gutta

Umdlali wase-Nigeria u-Asisat Oshoala uwine indondo yegolide kwi-Primera Iberdrola e-Spain ngemuva kokushayela i-Barcelona Femeni amagoli angu-20.

Umdlali Wonyaka Wabesifazane e-Afrika osewine izikhathi ezine ungowokuqala wase-Afrika ukuwina lo mklomelo, uwuhlukanise noGeyse Ferreira wase-Brazil odlalela i-CFF yase-Madrid.

UFerreira uthole amagoli angu-20 emidlalweni engu-27 kanti u-Oshoala udlale imidlalo engu-19 kuphela kule sizini, ngemuva kokuhlala amasonto ayisishiyagalombili engadlali ngenxa yokulimala. Ukwazile ukushaya amagoli amaningi futhi usize iqembu lakhe ukuthi liwine isicoco.

U-Oshoala (27), wathuthela kwi-Barcelona ngo-2019 ngemuva kwesikhashana edlalela i-Liverpool kanye ne-Arsenal.

Manje usenamagoli angu-45 emidlalweni engu-52 kwi-Catalans futhi usanda kusayina inkontileka ezomgcina kuleli qembu kuze kuphele isizini ka-2023/24.

Ngemuva kokuwina kwabo isicoco seligi, u-Oshoala ne-Barcelona sebezogxila kowamanqamu we-Uefa Women’s Champions League bebhekene ne-Lyon ngoMgqibelo.

Ngemuva kwalokho bazobhekana nezimbangi zabo i-Real Madrid kowandulela owamanqamu we-Copa de la Reina ngoLwesithathu oluzayo.

Umthombo wesithombe: @NewFrame

Izihloko zakamuva