Owesifazane wakhe amagumbi okulals aqashisayo phezu kwesitamkoko sendle eSoshanguve

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo


  • Abasebenzi bakamasipala bathole ukuthi owesifazane wase-Soshanguve wakhe amagumbi okuqashisa phezu kwesitamkoko sendle. 
  • Umnikazi womuzi uthe ubengazi ukuthi udinga imvume yokwakha amagumbi njengoba omakhelwane babekhala ngephunga elibi.

Umnikazi womuzi wase-Soshanguve uthole isimanga ngoLwesithathu ngesikhathi abasebenzi bakamasipala

bezongqongqoza emzini wakhe, befuna isitamkoko sokuthuthwa kwendle obudukile – isimanga watholakala ucashe ngaphansi kukakhaphethi wakhe.

Owesifazane, obengafuni kudalulwe igama lakhe, wakhe amagumbi okuqashisa phezu kwepayipi lendle, okushiye abasebenzi basedolobheni benwaya amakhanda bengazi benzeni ngesikhathi befika bezolungisa amapayipi endle abeqhumile.

“Ngiqashisa ngamagumbi ukuze ngenze imali yokondla umndeni wami, “esho.

“Ngithathe isinqumo sokuthi nginwebe amagumbi azungeze isitamkoko njengoba bengingacabangi ukuthi lokhu kungadala izinkinga – njengoba phambilini kungakaze kudale izinkinga.”

Kodwa icebo lakhe lishiye omakhelwane bebambe amakhala. UMatshidiso Mahlo uthe kade babekhala ngendle evalelekile izinyanga eziningi.

“Asikwazi ukuhlala ngaphandle noma sijabulele umoya ohlanzekile njengoba ugcwele iphunga lendle nezimpukane. Izingane zethu azikwazi ukudlala ngaphandle njengoba sisabela impilo yazo,”esho.

Okhulumela umasipala, uLindela Mashigo, akazange ajabule ngale nhlekelele yezempilo. Uthe

ukwakha ngaphandle kwezinhlelo zokwakha indlu ezigunyaziwe kwephula imithetho kamasipala.

“Labo abatholwa ukuthi bagxumeke noma baphazamisa ingqalasizinda yomhlaba kamasipala banikezwa izaziso kanye nesikhathi okufanele balungise noma basuse ngaso isakhiwo,” esho.

“Uma behluleka, udaba ludluliselwa ezinkantolo zikamasipala ezizoshushisa egameni lombuso.”

Wengeze ngokuthi izinkinga ezifuze lezi azitholakali emalokishini kuphela kodwa nakuwo wonke

umasipala, esola “isimo sengqondo sokungawugqizi qakala nomthetho” nabantu bakhe ngaphandle kwemvume.

Izinhlawulo zokwakha ngokungemthetho zibekwe yi-National Building Regulation Act ka-1977 kanye nomthetho wenkantolo kamasipala.

Esithombeni esingenhla: Umgodi emzini wowesifazane.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva