Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa
Abantu abaningi bachaza usuku lwabo lomshado njengosuku abajabula kakhulu ngalo ezimpilweni zabo. UMandisa Njuzana ubengazi nokuthi ushadile!
Lona wesifazane (32) wase-Hombe, e-Lusikisiki wavakashela uMnyango wezaseKhaya eyokwenzela ingane yakhe isitifiketi sokuzalwa — kodwa watshelwa ukuthi ushadile!
Uma kuwukuthi lokho bekungesona isimanga ngokwanele, uye watshelwa ukuthi kuzodingeka ukuthi aphathe incwadi yakhe yomshado ukuze atholele ingane yakhe incwadi yokuzalwa.
“Ngabatshela ukuthi angishadile, angimazi ngisho nomuntu abathi ngishade naye,” esho.
Lokhu kwenzeka ngo-2014, futhi kusukela ngaleso sikhathi uNjuzana ubhekane nempi yeminyaka eyisishiyagalolunye yokuphothula isehlukaniso sakhe nendoda angakaze ahlangane nayo.
Uthe waphoqeleka ukuthi aphrinte isitifiketi somshado ukuze atholele indodana yakhe endala isitifiketi sokuzalwa.
Uyalelwe ukuthi enze incwadi efungelwe bese eyihambisa eNkantolo yeMantshi yase-Lusikisiki.
“Ehhovisi lemantshi ngatshelwa ukuthi nginikeze imininingwane yomyeni wami engingamazi ngabatshela ukuthi anginayo base bengitshela ukuthi ngeke bekwazi ukungisiza uma ngingenalo ikheli engangizothumela kulo amaphepha esehlukaniso.”
Manje uNjuzana ubhekene nenkinga enzima njengoba engakwazi ukuthola isitifiketi sokuzalwa sengane yakhe yesibili (5) ngaphandle kokwenza isehlukaniso ngokusemthethweni.
“Kubuhlungu ngoba indodana yami ayikwazi ukwamukelwa esikoleni njengoba ingenaso isitifiketi sokuzalwa. Indodana yami yaba engozini yemoto ngo-2021, futhi angikwazi ukufaka isicelo se-UIF ngenxa yodaba lwesitifiketi sokuzalwa.”
Ubelokhu efuna usizo kulo lonke uhlobo lwabantu okuhlanganisa nabaholi bendabuko ukuze bamsize ukuthi lo mshado wesulwe.
UNjuzana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzimisele ngokufinyelela esiphethweni salo mshado mbumbulu, okungenani enzele izingane zakhe.
Ibamba lomphathi woMnyango wezaseKhaya e-Lusikisiki, uLitha Maqoqa uthe empeleni la macala ajwayelekile futhi athatha isikhathi ukuthi axazululwe. UMnyango wezaseKhaya kumele wenze uphenyo ukuze kutholwe ukuthi ngabe isisulu sasisayina ngempela yini isitifiketi somshado.
“Inkinga esibhekene nayo ukuthi abantu besifazane bangena emishadweni ekhokhelwayo nabantu abaphuma emazweni angaphandle ababaholela nyanga zonke ukuze bathole izindawo zokuhlala kuleli.
“Uma sebeyekile ukuhola bafika kithina bekhala ngemishado engombombayi bebe bazi ukuthi bekuyizinhlelo zabo,” esho.
Kodwa-ke, uMaqoqa ukuqinisekisile ukuthi abanye besifazane bazithola sebeshadile ngoba bekhohliswa abaphuma emazweni angaphandle ababaheha ngemisebenzi. Bathatha omazisi babo njengesibambiso somsebenzi bazi ukuthi bazobashadisa ngaphandle kwemvume yabo.
UMaqoqa uthe usazobheka udaba lukaNjuzana ngesonto elizayo njengoba bengakwazi ukusebenza kahle kuleli sonto ngenxa yesiteleka esiqhubekayo se-Nehawu.
Esithombeni esingenhla: UMandisa Njuzana
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe