Owesifazane utshelwe ukuthi afake incwadi yesehlukaniso nowesilisa angakaze ambone

Everson Luhanga

Ngowe-2003, uMnyango wezaseKhaya wavimba umazisi kaNokuthula.

Kungekudala ngemuva kwalokho, izikhulu zamazisa ukuthi ushade nendoda engaziwa futhi zamnika nesitifiketi somshado.

Ngesikhathi esifanayo, abakwa-SASSA bafuna ukuthi abuyisele imali yezingane zakhe ezimbili eziyithola kwizibonelelo.

UNokuthula Elizabeth Mpinga ungowase-Alexandra kodwa uthi kule minyaka eyi-18 edlule wenziwe wazizwa eyisihambi ezweni lakhe lokuzalwa.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi eya eMnyangweni Wezasekhaya ukuthola izimpendulo, wabuya neminye imibuzo: “Izikhulu zangitshela ukuthi ngihlanganyela umazisi wami nomunye umuntu.

“Ngesikhathi ngibuyela emuva, bangitshela ukuthi umazisi wami ukhombisa ukuthi ngishade nowesilisa obizwa ngokuthi nguJoshua wase-Vosloorus,” kusho yena.

Uthi usefune izimpendulo emahhovisi amaningi ezaseKhaya kuleli lizwe kodwa akakaze anikezwe lutho.

“Ihhovisi elikhulu langidlulisela emahhovisi endawo asekhaya e-Alexandra lapho banginikeza khona isitifiketi somshado. Bangicela ukuthi ngithathe incwadi yomshado bangitshela ukuthi ngiyovula icala emaphoyiseni endawo bese ngifaka esehlukaniso noJoshua ukuze ngithole usizo.”

Uthe ngesikhathi echazela amaphoyisa ase-Alex inkinga, avele amhleka.

Izinkinga zikaNokuthula zaqhubeka zanda, futhi akubanga isikhathi eside ngaphambi kokuba izikhulu zakwa-SASSA zabuya zafuna imali yesibonelelo sezinyanga ezintathu.

“Ngaleso sikhathi, bengingasebenzi. Kwakufanele ngihambe indlu nendlu ngicela abantu ukuba ngibawashele ukuze ngikwazi ukukhokhela abakwa-SASSA imali yabo. Kungithathe izinyanga ezinhlanu ukubakhokhela,” kusho yena.

Lo mama wezingane ezinhlanu uthe izingane zakhe ezimbili zokugcina azizitholi izibonelelo futhi ucwila ezikweletini ngemuva kokuthi umuntu osebenzisa umazisi wakhe evule ama-akhawunti esebenzisa inombolo yakhe kamazisi.

Usanda kunikwa amasamanisi avela kubammeli besitolo somhlinzeki wesikweletu abafuna ukuthi akhokhe izi-R3,000 abakweleta zona.

Okhulumela i-SASSA uNandi Mosia uthe umnyango usaphenya ngezizathu zokuthi kungani le mali befune ukuba ibuyele emuva.

I-Scrolla.Africa sithumele ama-imeyili, imiyalezo nezingcingo eMnyangweni Wezasekhaya ngaphandle kokuthola impendulo.

Izihloko zakamuva