Owesifazane uthuthukisa abanye abesifazane abasebasha nabangasebenzi emphakathini 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ngesikhathi uSheila Mawela esula esikhundleni njengomsebenzi wokuthuthukisa umphakathi eDolobheni lase-Tshwane ngo-2015, wayenezifiso zokuthuthukisa abesifazane abasebasha, abangasebenzi emphakathini wangakubo wase-Hammanskraal.

Nakanjani umsunguli we-Tirani Fresh Produce oneminyaka engu-42 usezifezile izinhloso zakhe.

I-Scrolla.Africa ivakashele i-Tirani Fresh Produce e-Suurman Village, e-Hammanskraal, ukuyobona umsebenzi kaMawela futhi yamukelwe izingadi ezigcinwe ngendlela efanele ezigcwele imifino ehlukahlukene enakekelwa iqembu labesifazane abasebasha.

Elinye iqembu labesifazane belimatasa endaweni yokubhaka, ebigcwele iphunga elimnandi lesinkwa esisanda kubhakwa, amabhisikidi nezinye izibiliboco. 

Eminyakeni edlule, uMawela useqeqeshe abantu abasha abangaphezu kuka-500 kwezolimo, ukubhaka, namakhono ayisisekelo ebhizinisi – kanti abanye babo sebezisungulele awabo amabhizinisi.

“Inhliziyo yami iyajabula uma ngibona abanye babafundi bami behambisa imifino yabo ezitolo ezinkulu futhi bedala amathuba omsebenzi emiphakathini yabo,” kusho uMawela. 

Njengomsebenzi wokuthuthukisa umphakathi, uMawela usesize kakhulu ukuletha amaphasela okudla kubantu abampofu nabahola impesheni. 

“Ngabona ukuthi uhulumeni akenzi okwanele ngokunikeza abantulayo amaphasela okudla njengoba lokhu kwakuyisixazululo sesikhashana, futhi basala bengenakudla ngemva kwezinsuku ezimbalwa.

“Bengikholelwa ukuthi badinga ukufundiswa amakhono abangawasebenzisa esikhathini esizayo ukuze bakwazi ukuzinakekela,” eqhuba. 

Ngesikhathi esiza abahola impesheni, uMawela wafunda kubo amakhono abalulekile okusebenza engadini – amakhono asewadlulisela esizukulwaneni esisha.

U-Ofentse Pitsi, (21), uthe waqala ukwazi ngokuqeqeshwa kwamahhala kukaMawela ngoMasingana ngemuva kokuphothula umatikuletsheni wangawuthola umfundaze wokuqhubeka nokufunda. 

“Bekudingeka ngihlale ngimatasa ngesikhathi ngisalinde ukuthola umsebenzi noma umfundaze.  Ngale nhlangano, ngikwazile ukuqeqeshwa emikhakheni ehlukene kwezolimo futhi sengithole ubizo lwami lwangempela. 

“Manje ngizobhalisela iziqu zasenyuvesi kulo mkhakha ukuze ngikwazi ukuqhubeka nokuzithuthukisa,” kusho uPitsi.

Abasesithombeni ngenhla: Abanye abaqeqeshwa ku-Tirani Fresh Produce. 

Umthombo:  Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva