Owesifazane uthunjwe umndeni wakhe ngosuku lomshado   

Owesifazane waseMelika uye wamema umndeni wakhe ukuthi uze emshadweni wakhe e-Guadalajara, e-Mexico kodwa wagcina ethunjwe umndeni wakhe obungakwamukeli ukushada kwakhe.

Lona wesifazane waseMelika wathunjelwa u-R9.2 million ukuze ashade nenye indoda.

Kuthiwa ubaba, unina kanye nabafowabo bakha itulo lokuthumba owesifazane ngenhloso yokumphoqa ukuthi ashade nomunye umuntu e-Yemen. Lokhu kuvele ecaleni eliqhubekayo elibhekene noyise, uKhaled kanye nomfowabo uWalled.

Esitatimendeni esikhishwe uMnyango wezoBulungiswa (DoJ), isisulu esingadalulwanga igama sigcinwe e-Yemen “ugadwe ngabafowabo ababili.”

Ngokusho kwe-DoJ, isisulu siluthwe umndeni waso ukuze siphindele eMelika, kanti uyise uye wamkhohlisa futhi wamthembisa ukuthi uzoweseka umshado wakhe uma esuka e-Mexico.

Kuthiwa lona wesifazane useneminyaka eyisishiyagalolunye emazi umkhwenyana wakhe.

Kusolwa ukuthi umndeni wakhe waphoqa isoka lakhe ukuthi likhiphe u-R550 000 womshado wabo. Lona wesifazane wagcina ekutholile lokhu wabe esengenelela.

Ngokwemibiko kuthiwa ubaba washintsha umqondo wavumelana nesoka lendodakazi yakhe ukuthi uzokweseka ubudlelwano babo uma bengashadela  eMelika wavuma.

Ngesikhathi efika eMelika uye wavalelwa emzini wakubo futhi ubehlezi egadiwe. Ubengakwazi ngisho ukuya endlini yangasese engagadiwe. Kukhona ilungu lomndeni wakhe elizenze yena layomesula emakilasini eNyuvesi yase-Buffalo.

Ama-akhawunti akhe ezinkundleni zokuxhumana nawo aye avalwa njengoba umndeni wakhe wawuhlele umshado nendoda engaziwa yase-Egypt noma e-Yemen ukuze uthole u-R9.2 million. Wabe esephoqeleka ukuthi agibele indiza eya e-Egypt.

“Ubevalelwa ekhaya lakhe ngaphandle kokuthi axhumane nezwe langaphandle kanye nesoka lakhe elingafunwa umndeni wakhe, ebelizobulawa,” kusho isitatimende se-DoJ.

UKhaled noWaleed Abughanem uyise wowesifazane kanye nomfowabo basesitokisini ngamacala okuthumba. Ukulalelwa kwecala lalaba ababili bekuhlelelwe umhlaka-17 kuNhlolanja kodwa kuhlehliselwe umhla zimbili kuNdasa.

Ngokwamaphepha asenkantolo lona wesifazane usagcinwe e-Yemen kodwa uthola ukwesekwa inhlangano engenzi nzuzo engadalulwanga igama.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Izihloko zakamuva