Owesifazane uthole upulasitiki oneminyaka engama-37 ubhajwe ekhaleni

Arthur Greene

Uma bantu abaningi beyohlolela ukhuvethe, bathola into eyodwa: ukuthi ngabe banegciwane noma cha.

Ngesikhathi umsebenzi wasesibhedlela e-New Zealand eya kohlolwa, wathola ukuthi i-tiddlywink encane yoplastiki ibibhajwe ekhaleni lakhe iminyaka engama-37 edlule.

UMary McCarthy utshele i-Stuff ukuthi ubephethwe yizinhlungu ezingapheli phezulu emakhaleni kusukela esemncane.

Lo wesifazane oneminyaka engama-45 uye kohlolwa ukhuvethe ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule, i-swab yenza izinhlungu zaba zimbi kakhulu wabe esefuna iseluleko sezokwelapha.

Ube esehlinzwa ukuze kutholakale imbangela yobuhlungu obubabazekayo, kanti odokotela abahlinzayo bakhipha upulastiki ophuzi owaziwa njenge-tiddlywink.

Yayidale ukutheleleka ngemuva kokufaka i-swab ekhaleni lakhe, futhi yayimvimbela ekuphefumuleni ngekhala lakhe langakwesokudla izinyanga eziyisishiyagalombili.

Odokotela abahlinzayo baze bavumela uMary ukuthi agcine ithoyizi elincane njengesikhumbuzo.

Ukhumbule ngemuva kwalokho ukuthi wayechitha isikhathi esiningi ebuntwaneni bakhe edlala ama-tiddlywinks nezingane zakubo eziyisikhombisa.

Lo mdlalo, odabuka eNgilandi, ubandakanya ukufaka opulasitiki ebhodweni kusetshenziswa into ebizwa nge-‘squidger.’

Kodsa esikhundleni sokunamathela emithethweni yomdlalo, uMary nezingane zakubo babedlulisa isikhathi sokunamathisela ama-wink ngamakhala abo.

“Ngelinye ilanga ngahogela ngephutha upulasitiki owodwa esikhundleni sokuwuqhumisa, futhi ngangesaba kakhulu ukutshela umama, ngakho angizange ngimtshele,” esho.

“Ngikhumbula ngithuke kakhulu ngaleso sikhathi, ngizibuz ukuthi ‘ushonephi lo pulasitiki’.”

Umthombo wesithombe: @NZStuff

Izihloko zakamuva