Dylan Bettencourt
Umlingisi uPhindile Gwala usolwa ngokuhlasela owesifazane akholwa wukuthi ubemthwebula izithombe namavidiyo.
Owesifazane okukhulunywa ngaye, nguNompilo Mkhize obhale lolu daba ekhasini lakhe ku-Facebook wathi: “Izolo ebusuku ngiye e-Cubana eMgungundlovu, ngaphuma ngesikhathi sekuzovalwa ngaqala ukuthatha amavidiyo nezithombe ngaphandle ngesikhathi ngisalinde umngani wami, kuthe sengizoqeda ukuthatha ividiyo ukuze ngisebenzise umakhalekhukhwini wami ukubiza imoto eya ekhaya kube sekuphuma uPhindile Gwala, weza kimi nomngani wakhe bememeza bethi ‘nangu omunye’ becabanga ukuthi ngimthatha izithombe namavidiyo.”
UMkhize uqhubeke wathi lo mlingisi oneminyaka engama-35 uthathe umakhalekhukhwini wakhe wabheka izithombe ngaphambi kokuthi awuphihlize phansi, emshiya engenayo imininingwane ebalulekile yesikole kanye namaphepha abalulekile abekade ewasebenzisa ukufuna imisebenzi.
Phezu kwalokho, uGwala kuthiwa uklwebhe uMkhize ebusweni ngaphambi kokuba angene emotweni ayishaye izule.
Abalandeli ku-Twitter bebevuke umbhejazane ngalesi simo kanye nekhasi elidumile, i- @AdvoBarryRoux obhale kuTwitter wathi: “Ngubani otshele uPhindile Gwala ukuthi ungusaziwayo? Akakwazi ngisho nokusebenza kahle. Bengizomgwaza anye mina. Lapho engivela khona osaziwayo ngabantu abajwayelekile njengathi. Wenza umbhedo, siyakushaya. #PhindileGwala.
UPhindile akazange aluphendule ucingo lwakhe ngesikhathi i-Scrolla.Africa imshayela futhi akayiphendulanga nemiyalezo yethu.
Umthombo wesithombe: @PhindileGwala