Everson Luhanga
Owesifazane nemoto yakhe baphume bengenamyocu ngemuva kwenhlekelela eshaqisayo yokudunwa kwemoto ngemuva kokuthi iqulu labashayeli bamatekisi abangamaqhawe lingenelele, okuholele ukuthi izigilamkhuba zibaleke.
Lona wesifazane ubebuya emsebenzini ngoLwesine olwedlule ngesikhathi izigilamkhuba zivimba imoto yakhe, ewuhlobo lwe-VW Caddy emhlophe, abesilisa befuna ukuduna imoto futhi kade behlome ngezibhamu.
“Abasolwa bavimbe indlela nge-Almera emhlophe omunye wabo wamkhomba ngesibhamu. Bangene emotweni yakhe bahamba naye,” kusho okhulumela amaphoyisa eGoli ukaputeni uXoli Mbele.
Kodwa lezi zigilamkhuba ezinomqondo ophusile kumele ngabe zathatha isinqumo sokungahambi nomnikazi wemoto, njengoba zagcina zingene enkingeni ngokuthatha isinqumo sokumlahla erenki yase-Faraday enkabeni yedolobha laseGoli.
Ngesikhathi lezi gilamkhuba ziphusha owesifazane emotweni, wamemeza ecela usizo, kanti abashayeli bamatekisi abakade bekhona endaweni yesigameko bacabanga ngokushesha bavala indlela yabo yokubaleka ngaphandle kwerenki.
Laba ababili bazame ukubaleka, kodwa munye kuphela okwazile ukuphunyuka, kanti umlingani wakhe ebugebengwini wabanjwa ngokushesha. Abashayeli bamatekisi bafonele amaphoyisa afika ngokushesha ambopha.
Okwajabulisa isisulu, akazange alimale futhi nemoto yakhe ibingenamyocu wokuklwebheka ngemuva kwesigameko.
Ukaputeni uMbele uthe amaphoyisa abophe owesilisa, oneminyaka engama-26 ngokutholakala nemoto ebintshontshiwe.
Ithimba le-Scroll.Africa livakashele erenki yamatekisi e-Faraday lapho okwenzeke khona isigameko.
Omunye wosomatekisi obesendaweni yesigameko ozibize ngoMandla uthe bengabashayeli bamatekisi bazama ngakho konke okusemandleni ukuthi wonke umuntu aphephe.
“Akukhathalekile ukuthi bangamakhasimende ethu noma bangamalungu omphakathi nje, wonke umuntu udinga ukuzizwa ephephile,” kusho uMandla.
“Ngiyajabula ukuthi sisize owesifazane ocishe walahlekelwa imoto yakhe.”
Umphathi wesiteshi esikhulu eGoli uBrigadier Perumal uncome ukusebenzisana okuhle phakathi kwamaphoyisa nabashayeli bamatekisi.