Owesifazane ushaywe waphinde wahlukunyezwa isoka lakhe endaweni yokudlela ebigcwele phama

Moyahabo Mabeba

UKgothatso Moloto oneminyaka engama-22, uthi uke wahlukunyezwa futhi walulazwa ngaphezu kwalokho abengakucabanga ngowesilisa amthanda kakhulu.

Mhla zinhlanu kuZibandlela ucishe washonela ezandleni zesoka lakhe, okusolakala ukuthi limshaye phambi kwamakhasimende nabasebenzi endaweni yokudlela eJerusalema, enyakatho-nentshonalanga ye-Polokwane e-Limpopo.

Uthi isono sakhe kube ukubuza isoka lakhe ukuthi kungani lihambe nomunye wesifazane emcimbini.

“Uvele wahluthuka wangishaya ngekani likabhiya nengilazi. Wabe esengihudula ezama ukungiklinya phambi kwamakhasimende. Izingubo zami bezidabukile futhi ukululazeka bekukubi kakhulu.”

UKgothatso ongowaselokishini lase-Seshego uthe selokhu aqala ukuthandana nale ndoda eminyakeni emibili edlule ubudlelwano babo bugcwele ukuthukwa nokushaywa ngokweqile.

NgoMsombuluko uye esiteshini samaphoyisa eyovula icala lokushawa kwabe sekuboshwa isoka elimhlukumezayo.

Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Seshego kuleli sonto.

“Nginezibazi ezingokwengqondo nezingokomzimba ezingufakazi bokuthi ngahlukunyezwa ngokuphindaphindiwe indoda engiyithatha njengesithandwa sami. Ungumuntu olungile emphakathini, kodwa uyislwane uma sibabili,” esho.

UKgothatso uthe ngobunye ubusuku ngemuva kwempi enzima eyamshiya eshayiwe futhi elimele, isoka lakhe lamphoqa ukuthi aphume endlini enqunu.

“Kwakungesinye sezikhathi ezilulaza kakhulu ekuphileni kwami. Ukuba semgwaqeni ebusuku nabesilisa, abesifazane nezingane begqolozele umzimba wami onqunu kwathatha isithunzi engingasenaso.”

Umngani kaKgothatso, uRebotile Selepe uthe ubudlelwano obuhlukumezayo bumshiye ephukile futhi ekhungathekile.

“Lo mlisa ubezobulala umngani wami ngelinye ilanga. Akabonanga lutho olubi ngokuhlaza ingoduso yakhe phambi kwabantu,” esho.

UJulia Motumo, udokotela wengqondo e-Polokwane, uthe amadoda amaningi ahlukumezayo ngeke akushintshe ukuziphatha kwawo ngoba bekubudlelwano.

“Isisulu bekumele sibafunele usizo lochwepheshe bobabili ngesikhathi eqala ukumshaya. Abahlukumezi bavame ukucabanga ukuthi ukuhlukumeza into ejwayelekile uma bengalulekwa,” esho.

UBrigadier Motlafela Mojapelo, okhulumela amaphoyisa uthe ubengazi ngecala.

Izihloko zakamuva