Owesifazane uqwale izintaba ezimbili ngosuku olulodwa

Dylan Bettencourt

Kuqopheke umlando ngesikhathi owesifazane wakuleli eqwala izintaba ezimbili ngosuku olulodwa i-Mount Everest ne-Mount Lhotse.

Umqwali wezintaba odumile uRemy Kloos uthe lesi isinyathelo angasoze asikhohlwa.

“Ngibone inyanga ishona e-Nepal nelanga liphuma phezu kwe-Tibet,” kusho uKloos obe ngowokuqala wesifazane ukuqwala i-Mount Lhotse ngemuva kokuqwala i-Mount Everest.

“Futhi ngenkathi ngiqwala i-Mount Lhotse ngibone ukuphuma kwelanga kukhanyisa i-Mount Everest.”

Uthe ubonga kakhulu ngokuthi isimo sezulu simvumele wakwazi ukubona ukufiphala kwenyanga enkulu.

Lona wesifazane waseKapa ube ngowokuqala wakuleli ukuqwala lezi zintaba ezimbili.

Yonke into isazwakala njengephupho. Ngiqwale i-Mount Everest ngomhlaka-15 kuNhlaba ngase ngiqwala i-Mount Lhotse ngomhlaka-16 kuNhlaba. Izimo bezizinhle kakhulu,” ebhala ku-Instagram.

“Ngibe ngomunye wabantu bokuqala ukuqwala i-Mount Everest ngabo-5.30 ekuseni ngachitha imizuzu engu-45 phezulu. Bengishiselwa ukudlula ukugodola ebengikuzwa ngesikhathi ngisakhuphuka,” kusho uKloos, onguchwepheshe wezempilo.

“Eqenjini lami nakubafowethu bakwaSherpa, ngiyabonga ngokuhleka, imidanso, ukwanga kanye nohambo olumangalisayo.”

Umthombo wesithombe: @HikingSouthAfrica

Scrolla World Cup Quiz