Owesifazane umangalele umyeni kaLerato Kganyago ngo-R10 million ngokuhlaselwa

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UGift Kamogelo Modisha uthi unozinti umsebenzi waphula isandla sakhe wamshaya ikhanda laze lopha endaweni yenkampani kaThami Ndlala.

Wahlala izinsuku ezinhlanu esibhedlela kanti manje usemangalele uNdlala nenkampani yakhe ngo-R10 million, okuhlanganisa nezindleko zokwelashwa kanye nokulahlekelwa umholo.

UThami Ndlala ongumyeni womsakazi we-Metro FM, uLerato Kganyago, umangalelwe ngo-R10 million ngemuva kokuhlaselwa kowesifazane osemncane endaweni yakhe.

Lona wesifazane, uGift Kamogelo Modisha, oneminyaka engu-20 ubudala, uthi wayebhukuda nabangani bakhe kwenye yezindlu ezingaphansi kwenkampani yaNdlala, iNdlalayesizwe Real Estate, ngesikhathi umsebenzi eba nodlame.

Utshele iNkantolo eNkulu yasePitoli ukuthi indoda imshaye ngenduku ngemuva kokuphuma endaweni yokubhukuda, kubika i-Sunday World .

Isandla sakhe besiphukile, uthi umsebenzi wabe esemkhahlela phansi wamshaya ekhanda, wopha kakhulu.

UModisha uphuthunyiswe esibhedlela wahlala izinsuku ezinhlanu. Ubedinga ukuthungwa ngenxa yenxeba elijulile ekhanda futhi manje unesibazi esikhulu.

Uthi usale ekhubazekile futhi ehlukumezekile emoyeni. Odokotela bakhe bamtshela ukuthi ngeke alulame ngokugcwele. Manje uhlushwa ukukhathazeka kanye nengcindezi yangemva kokuhlukumezeka.

UModisha uthi uNdlala nenkampani yakhe bahlulekile ukuvikela abantu endaweni futhi banecala ngesenzo somsebenzi.

Ucela u-R10 million ukuze abhekane nezindleko zokwelashwa, ukulahlekelwa yimali, ubuhlungu, ukuhlupheka, nokuhlukumezeka emoyeni.

UNdlala nenkampani yakhe banezinsuku ezingu-30 ukuthi baphendule kuleli cala.

Osesithombeni esingenhla: ULerato Kganyago nomyeni wakhe uThami Ndala.

Umthombo wesithombe: @Musa_Khawula

Izihloko zakamuva