Owesifazane uhlenge umdlwane uhlaselwa ama-pitbull 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Ngesikhathi uLeana Hendricks ezwa umdlwane wendodana yakhe ukhala ngoLwesine, akazange angabaze.

Uye waphumela ngaphandle wathola ama-pitbull amabili ehlasela umdlwane wohlobo lwe-Jack Russell Terrier.

UHendricks wase-Eersterust empumalanga ye-Tshwane ungowesifazane onesibindi. Uvele waqonda ngqo kulezi zinja wakhulula umdlwane wabamba i-pitbull eyodwa ngesikhathi enye ibaleka.

Uthe lezi zinja ezimbili eyeduna nensikazi, zicishe zawubulala umdlwane.

“Ukube ngifike sekwedlule isikhashana ngomzuzu ngabe umdlwane ufile,” esho.

Ubehlose ukubamba le pitbull kuze kufike umnikazi wayo azoyilanda.

Ngesikhathi umnikazi wayo engafiki, uye wayifaka ekhasini lakhe laku-Facebook lapho acele umnikazi wayo ukuthi amthinte. Uthe ngenhlanhla umnikazi wenja uye wawubona umbhalo wakhe wabe esephendula.

“Uye wafika ngenhlanhla saluxazulula udaba ngokuthula waxolisa,” esho.

Umhloli wakwa-SPCA, uMnu Siyabonga Mbukutshe uthe uma kukhona ozithola ekulesi simo sikaHendrick kufanele ayise isilwane esihlaselwe kudokotela wezilwane, athole umbiko bese evula icala lokuhlukumeza isilwane.

Uthe uma inja yomunye umuntu ingena egcekeni lomunye ihlasela isilwane, icala lokucekela phansi impahla lingengezwa ecaleni lokuhlukumeza isilwane.

Esithombeni esingenhla: ULeana Hendricks 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva