Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UNolwazi Tokhwe wase-Capricorn eKapa ufuna isinxephezelo ngemuva kokushayiswa yiveni yamaphoyisa ngomhlaka-23 kuNdasa ngabo-10:30 ebusuku.
Wayephume eyobheka izingane zakubo ezazihambele umcimbi.
“Ngangihamba eceleni komgwaqo ngilungiselela ukuwela, ngesikhathi kuqhamuka iveni yamaphoyisa eyayigijima ngesivinini yangishayisa maqede yangishiya khona lapho.”
Waphuka umgogodla, walimala ingalo yangakwesokudla, waphuka nasokhalweni.
“KwakunguNdasa kwenzeka lokhu kodwa namanje abe-SAPS bathule, yize ngivulele la maphoyisa icala kodwa ayaqhubeka nempilo sengathi akwenzekanga lutho,” usho kanje.
Ngesikhathi amaphoyisa e-SAPS engenzi lutho ngalezi zinsolo, uTokhwe wathinta i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).
“Kodwa umuntu owaphendula ucingo wathi i-Ipid isiza kuphela uma isisulu sesishonile futhi njengoba ngiphila, ngeke bakwazi ukungisiza.”
Utokhwe akakwazi ukuhamba nokuma kahle.
“Ngizwa ubuhlungu futhi nokhalo lungidalela izinkinga. Bengisebenza e-call centre kodwa angeke ngisakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wami. Mina nezingane zami sizonakekelwa ubani?” kusho yena.
“Iphoyisa elangishayisa ngeke lijeziswe, futhi njengoba i-Ipid ingakhombisi ntshisekelo ngecala lami ngicabanga ukuthi impilo yami isiphelile. Kubuhlungu ukuthi umuntu owazi umthetho owenze icala kodwa akajeziswa.”
UTokhwe uthe: “Umphenyi wecala ugxile ekungisizeni ukuthi ngithole isinxephezelo kwa-RAF [Road Accident Fund]. Bathe bazothumela amafomu adingekayo.
“Bangicele ukuthi ngibayise lapho kwenzeke khona ingozi. Lokhu bakwenze muva nje kodwa ingozi yenzeka ngoNdasa.”
UTokhwe ucela kunoma ngubani nanoma iyiphi inhlangano engase ikwazi ukumsiza ukuze athole ubulungiswa.
Esithombeni ngenhla: UNolwazi Tokhwe owashayiswa yiveni yamaphoyisa ngoNdasa. Ugxeka abe-Ipid ngokumtshela ukuthi basiza abashonile kuphela.
Umthombo: Sithunyelwe