Owesifazane ucela iDolobha libafunele enye indawo ngoba izingane zakhe zizwa yonke into ewumkhuba eyenzeka kwamanye amagumbi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UNomsa Lawu uhlala kwi-container ehlukaniswe phakathi kanti uthi umsindo womakhelwane ebusuku uhlukumeza izingane zakhe.

Uthi unxuse abantu ukuthi bayeke ukwenza imikhuba ebusuku, kodwa abalaleli, futhi iDolobha alikaze lenze lutho iminyaka engaphezu kwengu-20.

Sekuphele iminyaka engaphezu kuka-20 uNomsa Lawu nomndeni wakhe behlala behlala kulendawo kwaLanga.

Kwakufanele kube indawo yesikhashana, izinyanga ezintathu nje kuphela. Kodwa akukho okushintshile, futhi usekhona nanamuhla, endaweni encane enezindonga ezincane zamapulangwe futhi engenazo izindlu zangasese, amanzi noma ugesi.

Manje uneminyaka engu-50, uNomsa uhlala namalungu omndeni wakhe amahlanu kwi-container ehlukaniswe phakathi. Omunye umndeni uhlala ngaphesheya, futhi izindonga zincane kakhulu uthi izingane zakhe zizwa konke ukwenzakalayo.

“Umsindo uyinkinga enkulu, izingane zizwa omakhelwane bezitika ngocansi ebusuku,” kusho yena.

UNomsa uthe sebebe nemihlangano eminingi yomphakathi becela abantu ukuthi bahloniphe, kodwa akukho okushintshile.

“Abanye abantu abanandaba. Bakwenza noma kunjalo, nakuba bazi ukuthi izingane ziyezwa. Ngibacelile ukuba bayeke, kodwa abanginaki.”

Uthe sekujwayelekile ukuthi izingane zisho ezikuzwile.

“Bathi, ‘Ngimuzwile loya wesifazane eklabalasa izolo ebusuku.’ Akulungile. Lena akuyona indlela izingane okufanele zikhule ngayo.”

UNomsa uthi ukungabi nayo indawo engcono kuyingxenye yenkinga enkulu.

“Awukho ugesi, sithenga ama-extensions kwabanye abantu sikhokha u-R300 ngenyanga, azikho nezindlu zangasese kanye namanzi.

Ufuna iDolobha laseKapa libathuthele ezindlini ezifanele lezo ababethenjiswe zona ngo-2002.

“Sesilinde iminyaka engu-20. Idolobha kumele likulungise lokhu. Ngeke sisakwazi ukuphila kanje.”

Ikhansela uCarl Pophaim, obhekelele ukuhlaliswa kwabantu, uthe iDolobha liyazazi izimo ezimbi futhi manje limatasa nohlelo lokuzithuthukisa.

Uthe maduze imindeni izothola ama-container anezindlu zangasese nompompi, nendawo yokuhlala engcono.

Kodwa kuNomsa, leso sithembiso sizwakala njengesifana naleso esenziwa eminyakeni engu-20 edlule.

Esithombeni esingenhla: I-container yakwaLanga, okuphoqe imindeni emibili ukuthi ihlukaniselane indawo. Izingane zivame ukuzwa abantu benza imikhuba.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva