Lungani Zungu
Ngesikhathi indoda iphumile iyophuza unkosikazi wayo uyiphekele ukudla ebicabanga ukuthi izokuthanda.
Kodwa isinqumo sakhe sokumphekela irayisi kanye neklabishi kuvele kwaba yiphutha lemiphumela emibi.
Le ndosa ibilindele isidlo esihlukile ngokuphelele: ibifuna ujeqe nenyama.
Lo mlisa kuthiwa uye wathukuthela wagana unwabu waze wahlasela unkosikazi wakhe ngesagila – wamshaya waze washona.
Owesilisa oneminyaka engama-42, waseJozini enyakatho ne-KZN uboshiwe, ngenkathi unkosikazi wakhe esemakhazeni kanti izingane zabo, ezineminyaka eyisikhombisa nemihlanu, zisale zinganaye umama kanye nobaba.
Izingane ezincane bezivakashele ugogo wazo, ohlala esigodini esisodwa nabo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Umakhelwane uThulani Makhoba utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wezwa umsindo endlini eyakhelene naye wagijima wayobheka ukuthi kwenzakalani. Akutholile ngowesifazane oqulekile elele ebheke phansi ngobuso echibini legazi.
Umsolwa ubalekile endaweni yesigameko ngenkathi abantu beqala ukugcwala ngaphandle kwendlu yabo yodaka enamagumbi amabili.
UMakhoba uthe umbonile umsolwa ngeSonto ekuseni ephuza nabangani bakhe nokuthe uma embona ngokuhamba kosuku, lo mlisa ubedakwe kakhulu.
“Bengicabanga ukuthi uzolala, ubedakwe kakhulu. Ubengakwazi ngisho nokuhamba,” kusho uMakhoba.
Le ndoda iboshwe ngeSonto, ngemuva kwamahora kwenzeke isigameko.
Umzala wowesifazane, uThembeka Msomi uthe unenhliziyo ebuhlungu.
“Sikhulume ekuseni ngeSonto wathi uyaphila futhi uphekela indoda yakhe,” esho.
Kamuva ngalolo suku, wathola ucingo lumazisa ngalezi zindaba ezibuhlungu.
Waphuthuma lapho okuhlala khona umzala wakhe nale ndoda. Ngenkathi efika lapho, wathola abantu abaningi ababebonakala beshaqekile ngaphandle kwendlu. Umsolwa ubevele esebalekile kodwa wabanjwa ngokuhamba kosuku.
“Wayengakaze abe ngumuntu onodlame. Sishaqeke sonke,” esho.
Amaphoyisa esifundazwe asiqinisekisile lesi sigameko athi umsolwa uzovela enkantolo kungekudala.