Owesifazane uboshelwe ukuqamba amanga ngokudlwengulwa

Lungi Langa

Into uNdumiso Madonsela abeyifuna nje bekuwukuqopha i-albhamu yakhe kamaskandi – kodwa walahlekelwa intombi yakhe nemali waphinde wavalelwa ubusuku obubili ejele ngecala elingamanga lokudlwengula.

UMadonsela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izinkinga zakhe ziqale ekuqaleni kukaNhlangulana ngesikhathi etshela intombi yakhe abenezinyanga ezinhlanu ethandana nayo ukuthi ubeka imali yokuqopha i-albhamu yakhe kamaskandi.

Intombi imthembise imbuyiselo enhle ngesitokofela sayo kanti uMadonsela akazange ananaze ukutshala imali yakhe engu-R3 500.

Bekumele athole imali yakhe enenzalo ka-15%.

Kodwa uma sekufika isikhathi sokuthi uMadonsela odabuka oKhukho oLundi athole imali yakhe, uthi intombi yakhe ivele yamjikela.

Lona wesifazane (22), ubengasatholakali ocingweni. Ngesikhathi egcina ukuphendula ucingo, uthumele umyalezo odidayo esola uMadonsela ngokungabuyi ekhaya ngobusuku bangayizolo.

Kamuva wamtshela ukuthi imali uyinike udadewabo.

“Ngithe ngizihlalele ngicabanga ngokwenzekile ngivele ngabona ukuthi angisafuni ukuhlala naye. Ngimthumelele umlayezo ngamtshela ukuthi angisafuni ukuhlala naye wathi angilande izimpahla zami.

“Ngabo lobo busuku ungincengile ukuthi ngihambe naye siye lapho ahlala khona sagcina sesenza ucansi. Ngakusasa ngiye ngagcizelela ukuthi angisafuni ukuthandana naye ngenxa yendaba yemali. Yilapho angitshele khona ukuthi uzongivulela icala lokudlwengula. Ungitshele ukuthi angazi lutho ngabantu besifazane,” usho kanje.

UMadonsela akazange akuthathele phezulu lokhu kusatshiswa kuze kwaba ngesikhathi eboshwa ngalo lolo suku.

Uvule icala wathi uMadonsela ugqekeze endlini yakhe, wamdlwengula, wamshaya wamvalela khona endlini yakhe. Ngemuva kosuku ubuyele esiteshini samaphoyisa eyohoxisa icala kodwa wehluleka ukunikeza incazelo ezwakalayo ngesinqumo sakhe.

Kamuva kutholakale ukuthi wenza izimangalo ezingamanga zokudlwengulwa wabe eseboshwa.

Amanga ale ntokazi adalulwe ngesikhathi umngani kaMadonsela emqopha evuma ukuthi ubemqambela amanga ngokumdlwengula ngoba efuna ukuziphindiselela kuye.

Lona wesifazane uvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesithathu ngecala lokuqamba amanga wadedelwa ngesexwayiso.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal u-Lieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe ukuboshwa kumele kube yisixwayiso nakwabanye abacabanga ukuvula amacala angamanga.

“Amacala angamanga anomthelela ekutheni kumoshwe izinsiza zamaphoyisa ezibalulekile futhi sizoqinisekisa ukuthi abathintekayo bayaboshwa,” kusho uGwala.

Izihloko zakamuva