Owesifazane uboshelwe elokulahla ingane yakhe

Everson Luhanga

Iqembu lamalungu omphakathi e-Tembisa Hospital View libambe owesifazane olahle ingane yakhe ngaphandle komuzi womuntu.

Abahlali, bonke ngabesifazane, babone owesifazane ebeka ingubo yokulala egoqiwe emnyango wegalaji lomuzi osendaweni yangakubo waphuma engashongo lutho.

Ngoba bebazi ukuthi abanikazi bomuzi basemsebenzini, abesifazane abakhathazekile baye babheka ukuthi yini egoqwe ngengubo.

Bamangale ngesikhathi bethola ukuthi ingane yentombazane, enamasonto ambalwa nje ibelethiwe.

Kodwa bajabulele ukuthola ukuthi ingane iyaphila – kanti futhi bathukuthelele owesifazane olahle ingane.

Bathe besaxoxa ukuthi bazokwenzenjani ngengane, bambona lo wesifazane.  Bambambile bashayela amaphoyisa ase-Tembisa Rabasotho ucingo afike obopha umsolwa ngecala lokulahla ingane. 

USapinah Mogane ungomunye wabesifazane ababambe lo wesifazane.

Uthe bekubuhlungu ukubona ingane ilahliwe. “Ingane ibibuthaka futhi ibukeka ilambile. Kube yisigameko esidabukisayo ukubona ingane ihlupheka njengo mama nogogo.”

Uthe baqambe ingane igama ngesikhathi ifika esibhedlela. Ubizwa ngoNeo.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Patricia Mgijima ukuqinisekisile ukuboshwa kowesifazane.

UMgijima uthe amaphoyisa athole ucingo oluvela kwizakhamizi ezikhathazekile aphuthuma endaweni yesigameko lapho okuboshwe khona owesifazane (27).

Usana lunikelwe ophikweni lokuvikelwa kwezingane ukuze luqhubeke nokwelashwa futhi luyiswe kwezenhlalakahle.

Owesifazane uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Tembisa ukuze aphendule ngecala lokunganakekeli ingane.

Izihloko zakamuva