Owesifazane uboshelwe elokufakela ozakwabo umvusankunzi ekhofini

Owesifazane waseBrithani uvele enkantolo ngemuva kokubanjwa kwikhamera ethela i-Viagra ekhofini lozakwabo. Leli iphilisi lomvusankunzi.

Izisebenzi zase-Envirograf okuyimboni eyenza imikhiqizo yokuvikela umlilo ziqale ukuqaphela okuthile okungalungile ngekhofi lazo. Belinambitheka ngokwehlukile futhi bekuvela amachashaza amancane aluhlaza.

“Akuyona into ongayilindela ukuthi ibe ku-Nescafé,” kusho umshushisi uMatthew Hodgetts etshela inkantolo.

Ezimisele ukuthola ukuthi kwenzakaleni, umgcini-mabhuku wenkampani uKatrina Gravenor uye wafaka ikhamera efihliwe etafuleni lakhe.

Kube sekungena uKaren Beale (62) ongumhlanzi kule nkampani,  othwetshulwe ngokuyimfihlo ehlola isitsha se-Nescafé edeskini likaGravenor.

Le vidiyo imuveza enyakazisa isitsha ngesikhathi egqoke amagilavu e-latex kanti umshushisi uthe ukuziphatha kwakhe bekusolisa kakhulu.

Amaphoyisa abikelwe ase ethola ukuthi izitsha ezifaka ikhofi elisheshayo emadeskini amabili ozakwabo bakaBeale zifakwe i-sildenafil, isidakamizwa esivame ukwaziwa ngegama lomkhiqizo i-Viagra.

Wonke amehlo abheke kuBeale futhi uye waboshwa ngokushesha ngamaphoyisa wase ebekwa icala lokuzama ukufaka ushevu ngenhloso yokulimaza.

Yize i-sildenafil ingenabo ubuthi, umshushisi uthe uBeale ubezama ukulimaza ozakwabo.

UBeale osebenze njengomhlanzi iminyaka eyisikhombisa kule nkampani ukuphikile lokho. Uthe ubehlola ikhofi ngoba umphathi wakhe ubemcelile ngesikhathi kukhulunywa ngalo.

Icala liyaqhubeka. 

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff 

Esithombeni esingenhla: Inkomishi yekhofi engafakiwe i-Viagra.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva