Owesifazane uboshelwe elokubulala udokotela owayengumyeni wakhe

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Owayengunkosikazi kadokotela obethandwa kakhulu wase-Gqeberha uBantu Noqekwa odutshulwe wabulawa endaweni yakhe yokusebenza ngoNhlaba uboshelwe ukuba ungqondongqondo ekubulaweni kwakhe ngesihluku.

U-Ethel Mphahlwa-Noqekwa (46) uvele eNkantolo yeMantshi yase-New Brighton, e-Gqeberha ngoLwesine.

Kukholakala ukuthi uMpahlwa-Noqekwa nguyena ungqondongqondo kulesi sigameko esidlule nomphefumulo kadokotela obehlonishwa kakhulu.

Ngobusuku bangomhla zintathu kuNhlaba amadoda amane angene endaweni yokusebenza kadokotela elokishini laseZwide e-Gqeberha. Kuthiwa ababulali babophe udokotela ongasekho etafuleni lokuhlolwa kwezigili ngaphambi kokumdubula amahlandla amaningi ekhanda.

Kuthiwa abasebenzi kule ndawo yebhizinisi babalekile ngesikhathi kuqhuma isibhamu kanti omakhelwane abezwe kuqhuma isibhamu baye babikela amaphoyisa ngalesi sigameko.

UNoqekwa ubethandwa kakhulu iziguli zakhe kanye namalungu omphakathi.

Amalungu omphakathi nezinye iziguli zikadokotela ongasekho abebethamele ukulalelwa kwesicelo sebheyili ngoLwesine bathe basola ukuthi kukhona okungahambi kahle.

“Indlela abulawe ngayo ibinonya kakhulu,” kusho esinye isakhamuzi. “Bengilokhu ngisola ukuthi uthengelwe izinkabi. Ukucabanga ukuthi kuhlelwe umuntu owake wamthanda kuyethusa.

“Abantu balapha bebemthanda futhi sishaqekile ukuzwa ukuthi ushone ngodlame olungaka.”

Esinye isakhamuzi sithe “kuvele kwangicacela ukuthi uthengelwe izinkabi ngoba zimbalwa izinto ebezingekho endaweni yesigameko ngaphandle kwamakhamera.”

Kuthiwa abasolwa abane babaleke ngemuva kokukhipha amakhamera e-CCTV.

Abathandiweyo bakaNoqekwa bazwakalise ukukhululeka ngokuboshwa wowayengunkosikazi wakhe kodwa banqabile ukuphawula.

UMphahlwa-Noqekwa uboshwe eKapa wadluliselwa e-Gqeberha ngoLwesibili.

Kuphinde kwaboshwa abanye abantu abathathu ngecala lokwakha itulo lokubulala. Amaphoyisa athi kusazoboshwa abanye abantu.

Icala lihlehliselwe umhlaka-15 kuNhlangulana ukuze kufakwe isicelo sebheyili ngokusemthethweni.

Esithombeni esingenhla: UDkt Bantu Noqekwa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva