Owesifazane ubonga osomatekisi ngokuhlenga impilo yakhe

Everson Luhanga

Odabeni olumangalisayo  owesifazane ubekezelele ukudlwengulwa, ukuklinywa nokugwazwa amahlandla angaphezu kuka-50 ngaphambi kokukhasa erenki eseduze e-Soweto eGoli ukuze athole usizo.

Kwesinye isenzo sobuqhawe  abashayeli bamatekisi babize i-ambulensi ngesikhathi iqulu labantu base-Lesotho bethola umenzi wobubi bamnikela emaphoyiseni.

Ekhuluma ngemuva kwesigameko ne-Scrolla.Africa, lo wesifazane oneminyaka engu-45 uthe wasuka lapho edayisa ummbila eyokha amanzi endleleni okuyilapho ahlangane khona nalo wesilisa uKgotso Rakgaleye oneminyaka engu-28.

“Bengimazi lo wesilisa ngize ngakhululeka ngimcela ukuthi angidlulisele elinye lamabhakede ezandleni zami ukuze ngiyoqhubeka nebhizinisi lami,” kusho lo wesifazane. 

“Ngithe ngisuka empompini lo wesilisa waqhamuka ngemuva wangiklinya ngentambo entanyeni.”

Uthe umsolwa umhudulele ehlathini eliseduze wamdlwengula ephindelela.

“Eseqedile ukungidlwengula wangitshela ukuthi uzongibulala ngoba ngingakwazi ukuyobika emaphoyiseni.

“Wakhipha ummese ejazini lakhe wangigwaza amahlandla amaningi umzimba wami wonke. Ubegwaza kakhulu ebusweni nasezandleni.

“Nginezibazi emzimbeni wonke ngenxa yaleso sigameko,” kusho lo wesifazane.

Emuva kokushiywa equlekile ehlathini lapho ehlangabezane khona nosizi lwakhe olubi waqunga wakhasa waya erenki yamatekisi eseduze ngaku-Swartkoppies Road ngasenxanxatheleni yezitolo i-Mall of the South. Uthe ubekholelwa ukuthi sonke lesi sikhathi uzoshona.

Ngesikhathi ephuthunyiswa esibhedlela e-Chris Baragwanath umdlwenguli wakhe wazingelwa abantu bomphakathi bamthola. Bambamba bamnikela emaphoyiseni ukuba ayoziphendulela ngaleli cala elibi.

Okhulumela amaphoyisa asenkabeni yeGoli uKaputeni uXoli Mbele uthe abashayeli bamatekisi bahlenge impilo yesisulu ngokushayela i-ambulensi.

“Ubatshele ngosizi lwakhe wave esebachazela ngokuthi umsolwa ugqokeni nokuthi ungubani ngoba uyamazi. Abafana basekhaya baye enkundleni befuna umsolwa bafike bamubamba. Ingubo yakhe yokulala ibigcwele igazi,” kusho uKaputeni uMbele.

Lona wesifazane uthe kumele adlule ekwelashweni ukuze aphinde aqeqeshe izandla zakhe ukuze akwazi ukusebenza azenzele izinto. “Impilo yami ishintshe kusukela ngalelo langa.

“Akukho engikwazi ukukwenza ngedwa. Abasekhaya kumele bangigeze bangiphakele ngisho nokungisiza uma ngiyongena endlini yangasese.”

UKaputeni uMbele uthe amaphoyisa athanda ukubonga abashayeli baserenki yase-Orange Farm ngokubiza i-ambulensi kanjalo nabantu base-Lesotho ngokunikela  umsolwa emaphoyiseni.

Izihloko zakamuva