Everson Luhanga
Iningi lomzimba wakhe beligcwele ama-tattoos. Kodwa uPalesa Matlamela akazange awenze ngoba ewathanda. Wayemboza izibazi zobuhlungu nokuhlukunyezwa okwakwenziwa indoda okwakumele imthande futhi imvikele.
NgeSonto ebusuku ushaywe kanzima yisoka lakhe waze waphuthunyiswa esibhedlela. Kulokhu uPalesa akakwazanga ukuthola ithuba lokuvala izibazi zakhe njengoba eshone ngenxa yokulimala kwakhe.
Kuthiwa isoka lakhe uSylvester Roy Mphephu limshayile lalahla isidumbu sakhe esibhedlela sase-Edenvale lapho abezempilo abamtshele khona ukuthi ushonile.
Umama kaPalesa u-Eunice Matlamela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubazi ukuthi indodakazi yakhe izobuya ekhaya ngebhokisi.
“Ngesikhathi ngithola ucingo oluvela kodokotela ngibabuzile ukuthi ngabe uSylvester ugcine eyibulele yini indodakazi yami,” esho.
Umama uthe uphatheke kabi ngesimo indodakazi yakhe etholwe ikuso esibhedlela.
“Ubephuma igazi emlonyeni nasemakhaleni. Izingalo, iminwe nekhanda bekunemihuzuko futhi ephukile.
“Bekungathi indodakazi yami ishone engozini yemoto enyantisa igazi. Kodwa ubeshaywe indoda yakhe. Ngihlukumezekile,” esho.
Kusukela ngo-2017 indodakazi yakhe ibibhekene nobuhlungu bokushaywa nokuhlukunyezwa isoka layo. “Ngemuva kokushaywa ubefika ekhaya phakathi nobusuku ehamba esuka e-Alexandra eya e-Lyndhurst lapho engihlala khona.”
Uthe wazama ukuxoxa nendodakazi yakhe ukuthi iphume kulobu budlelwano obunobuthi kodwa lo mlisa osatshwa kakhulu endaweni yase-Alexandra, wamtshela ukuthi mhlazane emala kuzoba usuku ayombulala ngalo kanye nomndeni wakhe.
“Ngike ngahlangana noSylvester ngesikhathi elandele uPalesa lapho engihlala khona. Wangisabisa nangokungibulala. Sonke besimesaba,” esho.
Ngemuva kokuthi kusabalale izithombe zikaMphephu ezinkundleni zokuxhumana, kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa e-Sandringham kanti lo mlisa uye wathumela ama-voice notes kubangani bakhe asondelene nabo ebatshela ukuthi uzozinikela emaphoyiseni ngoba uyabona ukuthi ubulale umuntu.
“Ngiyazi kukhona okubi engikwenzile futhi bekungeyona inhloso yami ukumbulala. Ngimphushile kuphela uPalesa wawa ngekhanda. Ngizozinikela mina emaphoyiseni,” kusho ama-voice notes alalelwe i-Scrolla.Africa.
U-Eunice uthe umndeni ulahlekelwe umuntu obenothando nobejabule.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uColonel Dimakatso Sello, uthe kusolakala ukuthi umufi ushaywe isoka lakhe waze washona.
“Umsolwa uzinikele emaphoyiseni ngoLwesibili mhla ziyisithupha kuMandulo kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze ngecala lokubulala. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.”