Owesifazane ubambe umyeni oqotsheni edlwengula indodakazi yabo

Lungi Langa

Uthuke woma owesifazane KwaZulu-Natal ngemuva kokuthi ebambe ubaba wezingane zakhe edlwengula indodakazi yabo eneminyaka emihlanu.

Umama ongumthandazi wasoThongathi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzithele phezu komyeni wakhe edlwengula indodakazi yabo ephuma emkhulekweni.

Iwele lengane yami belilele eduze kwakhe ngaleso sikhathi.

Uthe uyise wengane yakhe ube esephendukela kuyena wamjaha ngommese nangepulangwe elinezipikili. Ube esemshaya ephindelela kubonakala ukuthi ubeqonde ukumbulala.

“Ngimemeze igama lakhe, kodwa waqhubeka nakwenzayo. Ngibe sengifonela umshana wakhe ukuthi azosiza, angikholwa namanje okwenzekile siyadlala isithombe ngimbona enqunu edlwengula ingane yethu,” kusho lo mama.

Ubaleke engakafiki amaphoyisa. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi ingane idlwengulwe ngumsolwa owaziwayo ngeSonto ebusuku.

“Icala livulwe esiteshini samaphoyisa oThongathi idokodo ladluliselwa ophikweni olubhekelela ukuvikelwa kwezingane namacala okunyukubeza ngokocansi e-Phoenix ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uGwala.

Umama uthe kuke kwakhona isibonakaliso kuye ngaphambi kwesigameko.

Lo wesifazane (37) uthe uke waphupha izinkomo zingena emfuleni zaminza ngobusuku bangaphambi kwesigameko.

“Leli phupho langikhathaza kakhulu kangangokuthi ngelanga lesigameko ngachitha isikhathi esiningi ngithandaza ngikhanyisa namakhandlela,” kusho unina.

“Nginesiphiwo sokuba umthandazi futhi ngijwayele ukusiza abantu bengazi ukuthi leli phupho lisho ukuthi kukhona okubi okuzokwenzeka.”

Umthombo wesithombe: @TribuneIndia

Izihloko zakamuva