Umculi waseMelika uSophia Urista we-Brass Against usexolisile ngokushaqisa umhlaba ngeledlule ngokuchamela owesilisa ngesikhathi enandisa phambi kwezinkulungwane e-Daytona, e-Florida.
Umsolwa oneminyaka engama-35 ubudala ubizele owesilisa esiteji emcimbini obizwa nge-Rockville futhi wachamela kuye ngesikhathi umculo usaqhubeka.
Lo mculi ohamba phambili ozinze e-New York ubhale ku-Instagram wathi, “Ngihlezi ngenza okungaphezulu nokungajwayelekile emculweni nasesiteji. Ngalobo busuku, ngenze okungaphezulu kakhulu.
“Ngiyawuthanda umndeni wami, iqembu nabalandeli ngaphezu kwanoma yini enye futhi ngiyazi ukuthi abanye balimele noma bacasukile ngalokho engikwenzile. Ngiyaxolisa kubo futhi ngifuna bazi ukuthi bengingaqondile ukubalimaza,” engeza.
Amalungu eqembu aziqhelelanise nalesi senzo ngokubhala lokhu ku-Twitter ngemuva kosuku “uSophia wathatheka,” futhi bengeze ngokuthi “akuyona into oyophinde uyibone embukisweni wethu”.
Nokho izimpendulo ezinkundleni zokuxhumana bezixubene.
Omunye umlandeli ubhale ku-Twitter wathi: “Ngenkathi ngizwa ukuthi umculi ohamba phambili weqembu uchamele umlandeli *) “Bekunyanyisa!” (* ngenkathi ngithola ukuthi bekunguSophia Urista *)
“Awume kancane…ake sithathe isikhashana sibonisane ngalento.”