Owesifazane owakha izitini ukondla umndeni wakhe

Elmon Tshikhudo

UThilivhali Muledane nomyeni wakhe uTshiwandalani bebekwazi ukuziphilisa nomndeni wabo.

Kodwa ngesikhathi kuqubuka ubhubhane lokhuvuthe, ibhizinisi likaThilivhali lokudayisa ukudla ezikoleni lawa kanye nebhizinisi lomyeni wakhe lokwenza izitini ngodaka.

UThilivhali wase-Vyeboom e-Vuwani uthe kwakubukeka sengathi izimpilo zabo sezifike ekugcineni.

“Besihleli ekhaya singenazo izidingo eziyisisekelo ezifana nesinkwa, ushukela nempuphu,” kusho umama wezingane ezimbili.

“Kodwa sonke leso sikhathi ebenginaso, nginqume ukuvula kabusha ibhizinisi lomyeni wami lokwakha izitini njengendlela yokusiza siphume osizini lwethu. Umyeni wami ubengathembi kodwa bengizimisele ngokuguqula izinto,” kusho yena.

Uthe ngemuva kwezinyanga ezimbalwa benze izitini, kwafika abafana abathathu bakule ndawo befuna umsebenzi.

“Ngabanika indawo yokusebenza kodwa ngaqhubeka nokusebenza ngedwa. Ngikwazi ukwenza izitini ezingaphezu kwama-500 ngosuku ngingedwa,” kusho yena.

Phambilini uThilivhali nomyeni wakhe babekhiqiza inani elikhulu lezitini.

“Kwesinye isikhathi umyeni wami uyangisiza ngokuxuba inhlabathi futhi lokho kwenza umsebenzi ube lula kimi. Ukwenza izitini ngomunye wemisebenzi enzima kakhulu kodwa angizimisele ukuyeka,” kusho yena.

UThilivhali uyazi ukuthi ungowesifazane osekhule kakhulu embonini ephethwe ngabesilisa futhi unezeluleko ezithile kwabesifazane abakholelwa ukuthi izinto abakwazi ukuzenza zilinganisiwe.

“Imisebenzi iyindlala. Abesifazane kumele basukume bazakhele amathuba emisebenzi,” kusho yena.

“Ngemuva kokwenza imali ngebhizinisi lami, ngisengakwazi ukuzilungisa ngibe muhle uma ngiyothenga edolobheni.”

Izihloko zakamuva