Owesifazane owadlwengulwa uselinde iminyaka emithathu ukuthola ubulungiswa umsolwa ezicanasela

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

  • Owesifazane owadlwengulwa umshayeli wetekisi ngo-2022 ubesalinde ubulungiswa njengoba umsolwa ubeqhubeka nokusebenza futhi ehamba ngokukhululeka.
  • Icala lasenkantolo lihlehliselwe uNdasa 2025 ekubeni umgilwa uhlalele ovalweni wesaba umhlaseli wakhe.

Uhlalele ovalweni owesifazane wase-Hammanskraal njengoba umdlwenguli wakhe eqhubeka nokushayela amatekisi ehamba ngokukhululeka iminyaka emithathu ngemuva kokuhlaselwa.

ULebohang Mokhonwana, (27), wase-Makapanstad, wadlwengulwa ngumshayeli wetekisi ngomhlaka-8 kuNcwaba 2022. Icala lilokhu libambezeleka enkantolo, kanti usuku oselubekiwe noluhlehliselwe kulo umhla zintathu kuNdasa 2025.

“Zonke izinsuku ngyahlukumezeka ngaphakathi ngoba ngesaba ukuthi lo muntu uzophinde angilimaze ngoba yimi ngedwa ufakazi,” kusho uLebohang.

Wayegibele itekisi egoduka esuka e-Jubilee Mall e-Hammanskraal ngesikhathi ehlaselwa. Ngemuva kokwehla kwabanye abagibeli, umshayeli wamisa itekisi wamhlasela.

Waphunyuka ngefasitela, kodwa umshayeli wazama ukumjaha ngaphambi kokuba ezinye izimoto zimthuse.

ULebohang uthi ukubambezeleka kuyaqhubeka ngoba ummeli womsolwa wenza izaba.

“Mhlawumbe baqhubeka nokuhlehlisa becabanga ukuthi ngizoyeka, lo muntu wangihlukumeza kabi, ngeke ngiyeke ukulwa kuze kube uyajeziswa,” esho.

“Ngiphila nezibazi zesigameko nsuku zonke. Ngidinga ubulungiswa,” engeza.

Umseshi uKekana, ophenya leli cala, akazange ayiphendule imiyalezo ye-Scrolla.Africa.

Esithombeni esingenhla: Isandla somgilwa. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe umgilwa

Izihloko zakamuva