Owesifazane osindise umshana wakhe ononyaka owodwa ekudlwengulweni ubhekene necala lokubulala umdlwenguli

Zukile Majova

UYAVUTHA umphakathi wasesigodini saseQaga e-King Williams Town.

Owesifazane oneminyaka engama-23 osindise ingane enonyaka owodwa kumdlwenguli wagqunywa ejele kanti uthweswe icala lokubulala.

Amalungu omphakathi nezishoshovu babhikishe ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseZwelitsha e-King Williams Town ngoMsombuluko befuna kuxegiswe amacala owesifazane oneminyaka engama-23, obulale lo okusolwa ukuthi ungumdlwenguli.

Kuleli sonto Inhlangano Yabammeli Besifazane BaseNingizimu Afrika, iye enkantolo yaseka lo owesifazane wathola ibheyili yemali engama-R500.

Ummangalelwa kuthiwa ubambe le ndoda izama ukudlwengula umshana wayo ononyaka owodwa ngaphakathi kwesibaya sezinkomo.

Ngesikhathi elwa nomdlwenguli, lo wesifazane wamshaya ngenduku yensimbi.

Esitatimendeni asibhekise emaphoyiseni, umsolwa uthe wezwa ingane imemeza kodwa wayengenaso isiqiniseko sokuthi umsindo uvelaphi.

Wabheka yonke indawo waze wayithola ingane ngaphakathi kwesibaya, isamemeza nendoda phezu kwayo.

Inkantolo izwe ukuthi umufi wayesekhumulile ibhulukwe lakhe ngesikhathi umsolwa engena esibayeni.

UPeter Majola, inhloko ye-Children’s Rights and Victim Empowerment Services endaweni yaseKhula Community Development Project, uthe bafuna amacala ahoxiswe.

“Akungabazeki ukuthi walwela ukuvikela umshana wakhe. Wayesezodlwengula ingane ngoba ipipi lakhe lase liphumile.

“Umphakathi uthukuthele kakhulu. Bacele abammeli ukuthi batshele imantshi ukuthi amaphoyisa awalokothi abasize ngokugqekeza.

“Nakulokhu, lesi sigameko senzeke ngoLwesine kodwa amaphoyisa aze afika ngoMgqibelo ezobheka ingane.”

UMajola utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi omunye wabesifazane ojoyine lo mbhikisho kuleli sonto wake wabekwa icala lokubulala ngokuzivikela kumuntu owayezogqekeza.

“Ujoyine udaba lwethu ethi ukhululiwe ngemuva kokubulala umuntu owayezogqekeza endlini yakhe, wambulala ngembazo.

“Inkantolo yamukela ubufakazi bakhe bokuthi wayethukile ngemuva kokuthi lo mfo ephahlaze iwindi wathatha izembe ukuze azivikele.”

Icala lihlehliselwe umhla zingama-29 kuMfumfu.

Isithombe: USihlalo we-Sawla Adv. UMqobi nommeli uMnumzane uMdlangazi baxoxisana nomndeni ngaphandle kwenkantolo

Izihloko zakamuva