Owesifazane osike induku yowesilisa ubhekene necala

Joseph Chirume

Umama osike induku yowesilisa owadlwengula wabulala indodakazi yakhe eneminyaka emihlanu, ukhulume ngobuhlungu bokubona le ndoda ihamba ngokukhululeka.

UVeronique Makwena oneminyaka engamashumi amabili nane ubudala uthweswe icala lokushaya nokunqamula induku yomdlwenguli.

UVeronique benoNoxolo Maneli uskwiza wakhe kanye nomngani womndeni uSiyabonga Pakade, babamba umsolwa osolwa ngokudlwengula abulale indodakazi yakhe uChantelle, kulenyanga esiphuma kuyo uNcwaba wonyaka wezi-2019.

UVeronique ubhekene nesikhathi okungenzeka abe sejele – ngenkathi ebhekene nokuhlukumezeka kokulahlekelwa yindodakazi yakhe eyizibulo eyadlwengulwa yabulawa yindoda abayaziyo.

Laba bobathathu baboshwa bathweswa icala lokushaya ngemuva kokusika induku yomsolwa. Babuye badedelwa ngebheyili yemali engama-R500 umuntu emunye.

UVeronique nabalingani bakhe ababili bavele enkantolo yemantshi e-Port Elizabeth ngoLwesithathu. Icala labo lihlehliselwe umhla ziyi-19 kuNhlolanja wonyaka wezi -2021.

UVeronique uthe, uyehluleka ukuqonda ukuthi kungani umbuso ufuna ukumfaka ejele esikhundleni sokumnika usizo lobuchwepheshe njengokwelulekwa ngokuhlukumezeka ngemuva kokulahlekelwa yindodakazi yakhe okuwukuphela kwayo.

“Ngisashaqekile namanje ukuthi indodakazi ayisekho. Kungizwisa ubuhlungu ukubona ezinye izingane ezingontanga yakhe zidlala. Kungikhumbuza uChantelle wami, ” uVeronique etshela abakwa-Scrolla.Africa.

Uthe izinhlungu ziba zimbi kakhulu uma ehambahamba ebona lo mbulali okusolwa ukuthi uhamba ngokukhululeka emphakathini wangakubo.

“Kungithinta ngokomzimba nangokozwelo ukuthi ngibhekene necala esikhundleni sokuthi umbulali kube nguye oboshiwe. Sekungunyaka manje indodakazi yami yabulawa ngesihluku.

UVeronique ongasebenzi uthi uhlala nodadewabo njengoba engakwazi ukuthenga indawo yakhe.

UChantelle watholakala edlwenguliwe futhi ebulewe ngoNcwaba wonyaka owedlule. Isidumbu sakhe satholakala sidindilizile endlini yangasese ngemuva kosuku edukile.

Isithombe: Kusukela kwesobunxele uSiyabonga Phalati, uVeronique Makwena, umama kaChantelle, noNoxolo Manene.

Omile ngummeli u-Advocate Fundile Matoto.

Izihloko zakamuva