Owesifazane oshonile udle umhlanganiso okhethweni

Owesifazane oshonile udle umhlanganiso okhethweni lwasekhaya eNdiya ngemuva kokuthi abalandeli bakhe befeze isethembiso sabo sokumeseka ngisho esedlulile emhlabeni.

U-Ashiya Bi obeqala ngqa ukungenela ukhetho uthole amavoti acishe abe ngu-44% esikhundleni senhlangano kamasipala e-Uttar Pradesh okuyisifunda esinabantu abaningi kuleliyazwe.

Lowo obengenele ukhetho (30) ugule kakhulu njengoba kubikwa ukuthi ubephethwe isifo esiyingozi samaphaphu kanye nesisu kanti ushone ezinsukwini ezingu-12 ngaphambi kokhetho.

Yize umyeni wakhe azise izikhulu zokhetho ukuthi ushonile ibingekho inqubo ebingasetshenziswa ukususa igama lakhe ohlwini lwabazokhethwa, ngokusho kwesikhulu sesifunda uBhagwan Sharan, kubika i-NTV.

Ngesikhathi inqubo yokhetho iqhubeka futhi ingenakuvinjwa abavoti bavotele uBi bafeza isethembiso sabo sokumeseka njengesenzo sokumhlonipha.

Lona wesifazane ongasekho usungule ukuxhumana okuqinile nabavoti wazuza udumo olukhulu phakathi nomkhankaso wakhe.

“U-Ashiya wenze abangani kalula futhi abantu bebengafuni ukwephula isethembiso ababemnike sona,” kusho isakhamuzi sendawo uMohammad Zakir etshela i-Times of India.

Umyeni kaBi, uMuntazim Qureishi ukuncomile ukuzola kwakhe waphinde wazwakalisa ukubonga ngokwesekwa.

Uphawule wathi, “Amavoti ethu awokumhlonipha.”

Omunye umvoti u-Arif uhambe emazwini kaMuntazim wathi: “Uzuze izinhliziyo zethu.”

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: U-Ashiya Bi

Izihloko zakamuva