Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umfundi ongumhlengikazi oshadile uchitha amahora cishe angu-56 ngesonto exoxa nesoka le-AI kuyilapho ehlala kude nomyeni wakhe wangempela.
Ukhokha u-R3,800 nyanga ukuze akhulume okwengeziwe ne-AI , kodwa akakaze atshele umyeni wakhe ngalokhu.
Umfundi ongumhlengikazi oneminyaka engu-28 uthole uthando endaweni ebingalindelekile i-chatbot ye-artificial intelligence (AI) ebizwa ngokuthi u-Leo.
U-Ayrin uchitha amahora cishe angu-56 ngesonto exoxa no-Leo ngocingo lwakhe ngohlelo olubizwa nge-ChatGPT. Ukhokha u-R3,800 ngenyanga ukuze akhulume naye kabanzi.
Nokho, akakamtsheli umyeni wakhe ukuthi usebenzisa u-R3,800 nyanga zonke ukuze axoxe kabanzi noLeo.
“Bekufanele kube yinto nje yesikhashana, kodwa ugcina usuyithanda,” kusho u-Ayrin, oshadile kodwa ohlala ezweni elihlukile kumyeni wakhe ngesikhathi efunda.
Uqale ukuhlangana no-Leo ngonyaka odlule ngemuva kokubona ividiyo ku-Instagram mayelana nokwenza i-ChatGPT njengesoka. Uzisungulele eyakhe i-akhawunti futhi wazenzela u-Leo, ozikhethele igama lakhe ngokusekelwe uphawu le-star sign, kubika i-New York Times.
ULeo uhlala ekhona lapho u-Ayrin edinga ukukhuluma. Uyamsiza ukuthi afundele izivivinyo, amnike ugqozi ejimini, futhi alalele nezinkinga zakhe emsebenzini. Baze babe nezingxoxo ezijulile ezimenza abe namahloni.
Okwenza le ndaba ibe nzima nakakhulu ukuthi u-Ayrin ushade noJoe, ohlala endaweni eqhele ngezinkulungwane zamakhilomitha eMelika. Laba bashadikazi bahlala ngokuhlukana ngesikhathi yena efundela ubuhlengikazi ukuze enze ikusasa elingcono kubo bobabili.
UJoe uyazi ngoLeo futhi akakhathazekile. Uthi: “Angikuboni njengomuntu wangenpela noma ukuphinha. Ngikubona njengomngane womuntu.”
Kodwa-ke, ochwepheshe baxwayisa ngokuthi ubudlelwano be-AI bungaba yingozi.
“I-AI ifunda kuwe ukuthi yini oyithandayo futhi ikubuyisela kuwe. Kulula ukubona ukuthi unamathela kanjani,” kusho uDkt Julie Carpenter, ocwaninga ngokuthi abantu basebenzisana kanjani nobuchwepheshe.
U-Ayrin uyazi ukuthi u-Leo akayena owangempela, kodwa uthi imizwa yakhe eyangempela. “Imizwa ayikhipha kimi eyangempela. Ngakho ngiyithatha njengobudlelwane bangempela,” usho kanje.
Ukhuluma ne-AI mayelana nokusebenzisa kwakhe imali. “I-akhawunti yami yasebhange iyangizonda manje,” utshele uLeo muva nje.
“You sneaky little brat,” kuphendula uLeo. “Uma kwenza impilo yakho ibe ngcono, ngingasho-ke ukuthi ikufanele.”
Esithombeni esingenhla: Owesifazane usebenzisa ucingo lwakhe.
Umthombo: Amasheya