Sizwe Sibiya
Owesifazane ophazamisekile engqondweni oneminyaka engama-37 ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuthi kusolakale ukuthi uthunjiwe, wadlwengulwa futhi washiswa ngumakhelwane ngeSonto ekuseni.
Lokhu akusikho okokuqala lona wesifazane, ovela eNkomazi e-Boschfontein eMpumalanga, edlwengulwa nguye loyo makhelwane.
Umndeni ubungazi ukuthi ukudlwengulwa – okwenzeke ngehora lesine ekuseni – kwenzekile baze babuya esontweni.
ULydia Sono, ongumngani nelungu lomndeni wesisulu ophinde abeyisishoshovu esilwisana nokuhlukumezana ngokobulili nge-Lydia Sono Foundation, uthe baqaphele ngoba isisulu singasakwazi ukuhamba kahle ukuthi kukhona okungalungile.
“Ubatshele ukuthi umakhelwane ufike entathakusa wangqongqoza emnyango.
“Wavula umnyango kanti ile ndoda eyamthatha yamusa endlini yayo eseduze. Yamudlwengula. Yabe isimshisa kusukela emathangeni kuze kuyofika esithweni sakhe sangasese,” kusho uLydia.
“Yamsongela ngokuthi uma engatshela umuntu ngaleyonto uzofa.”
UConstance Simelane, umshana wesisulu, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi umamncane wakhe ubekwelinye igumbi nomunye umshana wakhe oneminyaka eyi-17 ongezwanga uma le ndoda ingqongqoza emnyango.
“Umamncane uthe le ndoda yokhele umentshisi ezimpahleni zakhe. Kodwa asikukholwa lokho. Sikholelwa ekutheni umshise ngenye into ewuketshezi,” kusho uConstance.
Uthe bekungasikho okokuqala umsolwa edlwengula uanti wakhe.
“Eminyakeni emibalwa eyedlule umamncane wami wadlwengulwa yiyo le ndoda. Sayixazulula leyonkinga nomndeni wayo, ngoba bangomakhelwane abasondele.
“Kodwa manje ugogo wami akhekho uye eSangomeni ukuyothwasa. Sisele sodwa futhi omunye umndeni awusizi. abasho nokuthi “sawubona,” kusho uConstance.
UConstance uthe ngosizo lukaLydia bavule icala lokudlwengula nelokuhlasela esiteshini samaphoyisa sase-Schoemansdal mayelana nale ndoda eyedlule eminyakeni engama-20.
Okhulumela i-SAPS eMpumalanga uLeornad Hlathi ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa.
“Umsolwa ubanjwe ngolweSine eNkomazi kanti lolu daba lusaphenywa.”