Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni
UZondi Khosa kungenzeka ukuthi akakwazi ukukhuluma kodwa lokho akumvimbi ukuthi akhombise ikhono lakhe lokudansa.
Uma abantu bebona indlela adansa ngayo esiteji bayamangala ukuthola ukuthi akezwa nhlobo emadlebeni futhi akakwazi nokukhuluma.
Ngenyanga edlule uKhosa (37) ubeyisihlabani seqembu lase-Limpopo iXibelani Dancing emcimbini wokugubha usuku lwamaphoyisa e-Polokwane futhi ujwayele ukudansa emicimbini wamaphoyisa.
UKhosa ungumama wabafana ababili oqhamuka elokishini lase-Namakgale e-Limpopo, ungumsebenzi ojwayelekile esiteshini samaphoyisa eLulekani.
Ukholelwa ukuthi ukuzalwa kwakhe kwakukhombisa inkazimulo kaNkulunkulu njengoba engezwa emadlebeni, kodwa enekhono elihle kangaka lokudansa.
Udadewabo omdala uNkhensani Nkopane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uKhosa ubengumdansi kusukela esemncane.
“Ubehlale edansa emculweni futhi besingaqondi ukuthi uwuzwa kanjani,” kusho udadewabo.
“Sabona ukuthi ukwazi ukudansela umculo ophezulu onebhesi kuphela. Wasitshela ukuthi uzwa umculo ngesigqi futhi isigqi siyamqondisa ukuthi enze imidanso yakhe ekhethekile.”
UNkhensani uthe udadewabo omncane naye unekhono kwezokusubatha futhi wenza kahle kakhulu emiqhudelwaneni yonobuhle.
Njengomfundi osemusha e-Letaba okuyisikole sabantu abanezidingo ezikhethekile, wayemele elakuleli e-Rome njengomsubathi ophila nokukhubazeka.
Uphinde wathweswa isicoco se-second princess kuMiss SAPS kuMasilala waseMopani nyakenye.
Esithombeni esingenhla: UZondi Khosa ekhombisa ikhono lakhe lokudansa
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe