Owesifazane onesibindi uvikele izinja zakhe kwibhele

DylanBettencourt

Ibhele belivikela amazinyane alo ezinjeni ezikhonkothayo – kodwa uHailey Morinico oneminyaka eyi-17 ubevikela izinja zakhe kwibhele.

Isiqeshana sevidiyo se-Tik Tok sikhombisa ibhele liza ngenhla kodonga namazinyane alo ngemuva kwakhe.

Ngesikhathi kuvela izinja ezikhonkothayo, ibhele, ebelivikela amazinyane alo belishwibeka ngasezinjeni. UHailey uqhamuke esegijima wabe esedudulela ibhele elikhulu elisusa odongeni.

Isiqeshana sevidiyo sithole ukuthandwa okungaphezulu kwezi-50 000 ngamahora ayisishiyagalombili nje lapho abantu bebabaze isibindi sikaHailey.

UHailey uthe ngesikhathi izinja zikhonkotha zimxwayise ngokuthi kungenzeka ukuthi kukhona okungahambi kahle

“Ngesikhathi sengisondela ukubona ukuthi zikhonkothelani izinja, ngibe sengisho ukuthi yaze yaba uhlobo olungaziwa lenja,” kusho yena.

Kodwa-ke, bekungeyona inja njengoba ibhele lizamile ukungena kule ndawo, okwenze ukuthi uHailey asheshe agijimele kulo bese elicindezela ibhele kanzima ngokwanele ngakho-ke lalahlekelwa ibhalansi lawa odongeni.

UHailey ukwazile ukuphunyuka nomunwe olimele kanye nedolo elilimele, nokulimala okuncane akuthole ngesikhathi ebhekene nebhele – ezama ukusindisa izinja zakhe.

Ababukeli abaningana baphawule ukuthi ibhele belingaqonde lutho olubi ngoba nalo belivikela amazinyane alo, njengoba nje noHailey ebezama ukuhlenga izinja zakhe.

Isithombe: YouTube

Izihloko zakamuva