Owesifazane okhulelwe utholwe eshonile

Buziwe Nocuze

Ngesikhathi uNuri Africa egcina ukubona indodakazi yakhe iphila, bebebukela umabonakude ekhaya labo eKapa. Ngemuva kwehora isidumbu sikaZahmaar Muller sitholwe endaweni engamakhilomitha ayisishiyagalolunye nasekhaya.

UNuri uye endlini yangasese ngesikhathi bebukele umabonakude ngoLwesihlanu ebusuku ekhaya labo e-Heathfield.

Ngemuva kwemizuzu embalwa uNuri (51) uphume endlini yangasese wathola ukuthi uZahmaar obenezinyanga eziyisithupha ekhulelwe akekho endlini.

UNuri utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi engayitholi indodakazi yakhe endlini uye wayishayela ucingo ngokushesha kanti okumethuse kakhulu ukuthi indodakazi yakhe ayizange ilubambe ucingo.

“Bengazi ukuthi kukhona okungahambi kahle ngoba ubengathathanga lutho ngoba nocingo lwakhe belukhala lungabanjwa kodwa bengilokhu ngimshayela ucingo nginethemba lokuthi uzoluphendula,” esho.

Ekugcineni ngemuva kwehora uye wakhululeka ngesikhathi ethola ucingo oluvela ocingweni lwendodakazi yakhe.

“Ngiphendule ucingo ngabuza ukuthi ukuphi, kodwa okumangazayo ukuthi bekuyizwi lowesilisa engitshela ukuthi ngizosithola kuphi isidumbu sendodakazi yami.”

Uvele wezwa ukuthi izwi elikhuluma ocingweni belisho okuyikho. Lona wesilisa uthe isidumbu sendodakazi yakhe sise-Philippi okuyindawo eqhele ngamakhilomitha ayisishiyagalolunye ukusuka ekhaya labo.

Uye wacela umakhelwane wakhe ukuthi amphelezele, kodwa ngaphambi kokuthi bahambe ushayele uyise kaZahmaar ucingo ohlala kwenye indawo wamtshela lezi zindaba ezikhathazayo futhi wavuma ukuhlangana nabo e-Philippi.

Ngesikhathi befika, uyise kaZahmaar ubesevele efikile waqinisekisa izindaba ezibuhlungu zokuthi isidumbu sendodakazi yabo sitholwe eceleni komgwaqo.

“Ngifike endaweni yesigameko kodwa ngehluleka ukuphuma emotweni. Bengingakakulungeli ukubona isidumbu sendodakazi yami.”

Umndeni awazi ukuthi kungani indodakazi yawo ibulewe futhi unethemba lokuthi uzothola izimpendulo maduze.

“Ngicabanga ukuthi umuntu obulale indodakazi yami iyamazi ngoba ibingeke iphume ebusuku iye kumuntu engamazi.”

Uchaze uZahmaar njengomuntu wabantu, obehlonipha futhi obengafuni ukubona omunye muntu elimala.

“Ubengumngani wami omkhulu, angilahlekelwe indodakazi kuphela! Ngiphinde ngalahlekelwa umzukulu. Ngithandazela ukuthi umbulali wakhe atholakale maduze,” kunezela uNuri.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uWesley Twigg uthe sekubhaliswe uphenyo ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane emgwaqeni u-Olieboom e-Schaapkraal.

“Abezimo eziphuthumayo baqinisekise ukuthi isisulu sishonele endaweni yesigameko, kanti kuzohlolwa isidumbu ukuze kutholakale imbangela yokushona kwakhe,” kwengeza uTwigg.

Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuthi athinte umphenyi ku-073 375 8791 noma athinte i-Crime Stop ku-08600 10111.

Izihloko zakamuva