Lubhalwe nguKhaya Ndaba
Ukuhlanganisa umculo wokholo ne-house kungase kwenze uNkulunkulu athokozele ukudansa.
UThuso Wa Sibili (33) owazalelwa e-Alexandra ukwazi ukucula umculo wokholo aphinde akhombise ikhono lakhe emculweni we-house.
Uhambo lukaThuso lwaqala eneminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi eqala ukucula esontweni langakubo. Kusukela lapho, ithalente lakhe belilokhu likhula lilindele ukuvela emhlabeni wonke.
Ngosizo lukazakwabo we-Veritas FM uTiiso Mosoeu ngo-1998, ithalente likaThuso lagcina livelile futhi waphoqeleka ukuba ajahe iphupho lakhe lokuba ngumculi.
Njengamanje ungumama wezingane ezimbili uchaza umculo wakhe njengenhlanganisela yomculo we-house nomculo wokholo njengoba enothando kukhona kokubili.
Ukholelwa ukuthi kungenzeka uNkulunkulu uyawuthanda umdanso futhi inhloso yakhe ukukuhlanganisa kokubili emculweni wakhe.
“Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uyawuthanda umculo wevangeli? Mhlawumbe kungenzeka ukuthi uhlezi ehamba nathi uma sidansela umculo,” kusho uThuso.
UThuso usemusha kulo mkhakha, kodwa usesebenzisana nezihlabani zomculo okubalwa kuzo uTribe Franko, uKing Monada noDJ Mondlane.
Umculo wakhe okhishwe ngo-2021, ujulile uveza umunyu futhi umenza ahluke esixukwini.
UThuso akazimisele ngokuhlehlisa ijubane lakhe maduze emculweni. Uzocula endaweni yokudlela ebizwa nge-Cuisino Restaurant Melrose Arch mhla ziyishumi kuMbasa futhi uhlela ukukhipha ingoma eyodwa ngokuhamba kwesikhathi kulo nyaka. Kubukeka sengathi uThuso Wa Sibili usezohlasela emhlabeni ngomculo wakhe futhi unesiqiniseko ukuthi uzobe ehamba noNkulunkulu eduze kwakhe.
Osesithombeni esingenhla: UThuso Wa Sibili
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe