Owesifazane obeshaywe isoka uxoshwe amaphoyisa 

Owesifazane (35) wasemijondolo yaseMarikana, eKapa uthi amaphoyisa anqabile ukuvulela isoka lakhe icala ebelimhlukumeza. 

Lo wesimame uye esiteshini samaphoyisa ePhillipi East ngemuva kokushaywa yisoka lakhe.

“Ngikhulume nephoyisa. Ngachaza ukuthi isoka lami lingishayile ngifuna ukulivulela icala,” kusho umgilwa.

“Iphoyisa lithe bafuna ukuzwa uhlangothi lwakhe ngaphambi kokuthi bangisize. Ngithukile ngoba ngikholwa wukuthi kumele bavule amacala babophe umsolwa. Ngikuthola kuxakile futhi kungalungile ngesikhathi esifanayo.”

Lona wesifazane wengeze ngokuthi amanye amaphoyisa athe uyintombi enesikhwele.”

“Bangihlanganyele bengisola ngokuba yintombi enesikhwele efuna ukusebenzisa amaphoyisa akwaSAPS. Bathi angibuyele emuva ukuze ngilande isoka lami ukuze bezwe uhlangothi lwalo. Abazange bakholwe ebengikusho,” kusho umgilwa.

“Ngichithe isikhathi sami ngoba akekho ongisizile. Ngokuhlala isikhathi eside esiteshini benginethemba ukuthi bazobona ukuthi bengizimisele kangakanani ukubakhombisa ukuthi ngishayiwe. Bengifuna aboshwe lo mlisa.”

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uCaptain Frederic Van Wyk uthe amalungu abo angaphansi kwemithetho.

“Sikhuthaza umgilwa ukuthi abike kubaphathi bamaphoyisa noma ku-Ipid ukuze kuphenywe ngezinsolo zakhe. Ukuziphatha okusolwa ngamalungu ethu ngeke kubekezelelwe, kuzothathwa izinyathelo ezifanele uma izinsolo ziqinisekiswa,” kusho uVan Wyk.

Lesi sigameko senzeka ngemuva kwezinsuku uMengameli Cyril Ramaphosa esayine uMthethosivivinywa omelene nodlame olusekelwe ngokobulili ube semthethweni. 

Lubhalwe ngumbhali we-staff

Isithombe esingenhla: Isiteshi samaphoyisa sasePhilippi East. 

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva